UFUNA kugxekwe yena ngamaphutha enziwa ngabadlali enkundleni umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
Lo mqeqeshi ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo yabezindaba ngemuva kokuthi ezakhe zibhudluze i-Al Ahly ngo 5-2 emdlalweni wamaqoqo weCaf Champions League obuseLoftus Versfeld ngoMgqibelo.
UPeter Shalulile uvalele amagoli amaBrazilians amabili ngesiwombe sesibili. Amanye abekwe enethini nguMarcelo Allende, Themba Zwane noTeboho Mokoena kwesokuqala.
U-Aubrey Modiba, odlala ngakwesokunxele emuva kwiSundowns, uphucwe ibhola ngaphambi kokuthi uMohamed Sherif ashayele iRed Devils igoli lokuqala, uPercy Tau wamdlula kalula eyoshayela izivakashi igoli lesibili.
UMokwena uthe ngeke awashintshe amaqhinga ngoba nakhu kwesinye isikhathi engasebenzi ngendlela abasuke behlose ngayo.
"Kube yiphutha lami. Kuhlezi kuyiphutha lami. Uma kukhona amaphutha kufanele kusolwe mina. Uma sibuyela emuva emdlalweni neCoton Sport, yena (uModiba) ukwazile ukudlala iphasi yokugcina eholele egolini ngoba ubengaphakathi nenkundla,” kusho uMokwena.
"Kufanele sijabule uma izinto zihamba kahle futhi samukele uma zingahambi ngendlela. Yimina ofuna abadlali basemuva basezinhlangothini ukuthi bangene bazodlala maphakathi.
“Ngifuna sandise isibalo sabadlali uma siqala ibhola emuva. Kwesinye isikhathi kuyasebenza, njengasegolini lokuqala kulo mdlalo ne-Al Ahly, besinomdlali owengeziwe maphakathi kodwa uma kuhambe kahle akekho obhekisisayo.
“Uma kungenzekanga ngendlela efanele, yiphutha elami ngoba yimina engithi kufanele badlale kanjalo. Sizoqhubeka nokudlala ngendlela esidlala ngayo. Uma kukhona amaphutha ngizoba ngowokuqala ukuphakamisa isandla ngoba angicashi.”
Ukujuqa i-Al Ahly kubuyisele iSundowns esicongweni kuGroup B ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emine futhi isizibekisele indawo kuma-quarter-final. Ilandelwa yi-Al Hilal yaseSudan enamaphuzu ayisishiyagalolunye.
I-Al Ahly isendaweni yesithathu ngamaphuzu amane emidlalweni emine kodwa ngisho ingayinqoba imidlalo yayo emibili esele ngeke isakwazi ukudlula amaSandawana ngenxa yokuthi ezikaMokwena ziyishayile ePitoli, kwathi umdlalo waseCairo waphela zibambene.
UMokwena uthe kuyamjabulisa ukuthi iqembu selifinyelele emaphuzwini angu-10 langena esigabeni somkhumulajezi kodwa uyazi ukuthi usemkhulu umsebenzi obahlalele.
"Enye indoda ekhaliphe kakhulu yake yathi kumele wehlise umoya ngezikhathi ezimbi futhi uwehlise kakhulu ngezikhathi ezimnandi. Abadlali bafanelwe ukunconywa ngoba umdlalo ungowabo," uqhube kanje.
“Kodwa ngizoba ngowokuqala ukubakhumbuza ukuthi luselude ukhalo okusamele luhanjwe. Ukuvela kwenkonjane eyodwa akusho ukuthi selethwese ihlobo. Lo mphumela awulethanga sicoco. Singabantu abazimiselayo futhi sifuna ukunqoba izindebe, yilokho okwenzeka emaqenjini amakhulu. Sihlulelwa ngalokho.”
ISundowns isizobheka umdlalo wayo olandelayo weDStv Premiership neRoyal AM ozodlalelwa eLoftus Versfeld kusasa ngo-7:30 ebusuku.