UKUTHOBEKA kubuyisele esikimini umdlali weMamelodi Sundowns, uGaston Sirino, obese enuka iqaqa kulandela imibiko yokuklwebhana kwakhe naleli qembu ngoba engasafune lutho olumhlanganisa nalo.
USirino (32) odabuka e-Uruguay, ubonakale okokuqala kule sizini ngesikhathi iSundowns ikhishwa yi-TS Galaxy emdlalweni we-Last 16 yeCarling Black Label Knockout ngesonto eledlule.
Lo mdlali okuke kwasabalala imibiko ethi useze wadingiswa ekuziqeqesheni nesikimu esikhulu, ungene kulo mdlalo weGalaxy wagqama ngokushaya igoli lokulinganisa, waphinde wabeka phakathi nephenathi yakhe osekungumlando ukuthi iSundowns ikhishwe ngawo (amaphenathi).
USirino, uphinde wadlala kuyona yombili imilenze yama-quarterfinal kwi-African Football League (AFL), osekungumlando ukuthi iSundowns inqobe ngo 2-0 kwiPetro Atletico de Luanda yase-Angola.
Ngasekupheleni kuka-Agasti nonyaka, uRhulani Mokwena, ololonga iSundowns, watshela abezindaba ukuthi uSirino ufake isicelo sokukhululwa kwinkontileka anayo nompetha beDStv Preiership.
Akazange agcine lapho lo mqeqeshi kepha wakhomba i-Al Ahly yase-Egypt ngenjumbane, eyisola ngokukhuluma noSirino ngaphandle kokuvumelana nabo.
Ubumbangi phakathi kweSundowns ne-Al Ahly buyaqhubeka kowomlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu we-AFL ngeSonto ngo-3 ntambama, eLoftus Versveld.
Bekusesithangamini nabezindaba se-AFL kuleli sonto, lapho uMokwena ememezele khona ukuthi sebekhumelene umlotha noSirino.
“Iyamangalisa indaba kaSirino ngoba sonke siyawenza amaphutha kodwa okusemqoka ukuthi uyalibona yini elakho nanokuthi uyakhombisa yini ukuzisola ngesenzo sakho,” kusho uMokwena.
“Ngoba iSundowns inkulu kunathi sonke esisebenza kuyona, amanye amaphutha ayaxolelwa, sikhohlwe ngokwenzekile bese sibheka phambili.
“Kufanele ishayelwe ihlombe indlela enza ngayo enkundleni nangaphandle kwayo uSirino. ISundowns iyona okufanele siyibeke phambili njalo njengoba enza.
“Livaliwe ibhuku ngendaba kaSirino nobekumqhatha neSundowns futhi sesikhohliwe ukuthi bekuyini inkinga,” kulandisa uMokwena sakubhuqa abezindaba.
Uphethe ngokuqhakambisa ukuchazeka kwakhe ngendlela abadlali beSundowns abamamukele ngayo uSirino nangothando abamnika lona.