AKAFUNI nokuyizwa eyokuthi sebefana neqembu eselikowandulela owamanqamu weCaf Champions League, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ezakhe ezibhabhadise iCR Belouizdad ngo-4-1 ngoMgqibelo eNelson Mandela Stadium, e-Algiers, e-Algeria.
Kulo mdlalo womlenze wokuqala umshini wamagoli weSundowns, umgadli, uPeter Shalulile, ushaye amabili kwathi uNeo Maema noCassius Mailula bashaya awabo nabo okubabeka ethubeni elihle lokudlulela kweyandulela eyamanqamu kulo mdlalo womlenze wokuqala.
UMokwena utuse abadlali bakhe ngokuyilandela injengoba injalo imiyalelo ngesikhathi esifanayo wabaxwayisa ngephutha lokuthatha kancane umlenze wesibili.
“Okuzosisiza ukukhumbula ngaso sonke isikhathi ukuthi kuyafana nokuthi isikhathi sekhefu,” kusho uMokwena kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Ibhola linendlela yokumangazana ngakho-ke ngeke ngihlale lapha ngenze sengathi angazi ukuthi imbedumehlwana iyenzeka kunobhutshuzwayo.
“Namuhla (ngoMgqibelo) kucacile ukuthi besibhekene neqembu elinzima futhi okusafanele sidlale nalo ekhaya. Umdlalo usekhefini ngokwami,” kuqhuba uMokwena.
Njengenjwayelo uMokwena ubonge abadlali bakhe ngokuzinikela kusukela kusenziwa amalungiselelo omdlalo.
“Angazi ngingababonga ngani abadlali abachithe isikhathi sabo esiningi bebuka ama-video ebesibacele ukuthi bawabukisise. Ngenxa yalokhu sifike kulo mdlalo sesinolwazi oluningi ngeBelouizdad.
“Sehlule iqembu elibunjwe ngabadlali abaningi abadlalela iqembu lesizwe lase-Algeria kodwa imbangela enkulu yalokhu wulwazi esifike sesinalo. Lolo lwazi siluthole ngenxa yokuzinikela kwabadlali beSundowns ngesikhathi sabo.
“Bonke abasondelene neqembu ngiyababongela. Mayelana nezitha zethu, ngeke ngande kangako ngokwenhlonipho yethimba labaqeqeshi lakhona nokuthi umdlalo awukapheli,” kulandisa uMokwena.
Ukuba kweSundowns kulesi sigaba ekusona kukhombisa ukuqina kwayo, ngokukaMokwena.
“Isibalo samagoli salo mdlalo akufanele sisivale amehlo bese siyakhohlwa ukuthi sikusiphi isigaba seChampions League njengoba sesikuma-quarterfinal (osekusele kuwona amaqembu aqinile kuphela),” kusho uMokwena sakuxwayisa.
IDowns izobuyela kwiDStv Premiership kusasa ekhaya neRichards Bay FC, emdlalweni ezozama ngawo ukuqeda isihlava sokulahla amaphuzu kulandelana okwenzeke emidlalweni emithathu yeligi edlule. NgoMgqibelo izobe isiyamukela iBelouizdad emlenzeni wesibili wama-quarterfinal.