NAKUBA iMamelodi Sundowns izobhekana neWaydad AC yaseMorocco, ehlale iyithwalisa ubunzima kodwa isitobha samaBrazilians, u-Aubrey Modiba, sifunga siyagomela ukuthi ngeke bazivumele lezi zitha zinqamule ngokushesha injabulo yabo.
UModiba nozakwabo bazongena enkundleni kusasa kowandulela owamanqamu we-Caf Champions League, behambela phezulu kulandela imibhiyozo yangoLwesibili lapho iphakanyiswe ngokusemthethweni indebe ye-DStv Premiership, bamukeliswa nezindondo zegolide ezihambisana nokuba ngompetha beligi.
Umdlalo wakusasa neWydad ungo-3 ntambama eLoftus Versfeld Stadium.
Lona kuzobe kuwumdlalo womlenze wesibili. Umlenze wokuqala obungempelasonto edlule uphele ngo 0-0, iSundowns isishaya ngabadlali abayisishiyagalolunye enkundleni kulandela amakhadi amabili abomvu.
UModiba uthe uyazi ukuthi i-The Red Castle ecijwa, uSven Vandenbroeck waseBelgium, ihlale ibathwesa ubunzima kulo mqhudelwano.
Ngo-2017 ngesikhathi izakhamuzi zakuleli zilindele ukuthi amaBrazilians avikele iChampions League (ayeyinqobe ngo-2016) yibo labo mpetha bangesizini edlule abawawashisa ijezi kuma-quarterfinal.
Ngesizini ka-2018/19, leli qembu laseMorocco laphinda laba yiphela endlebeni liwakhipha ngo 2-1 kowandulela owamanqamu.
IWydad yagcina ifinyelele kowamanqamu nokho yashaywa i-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia.
Kulo mqhudelwano iSundowns neWydad sebehlangane amahlandla ayishumi.
EzikaRhulani Mokwena zinqobe emibili, zahlulwa kane, zadlala ngokulingana kwemibili.
UModiba odlala emuva ohlangothini lwesinxele, uthe bakuqonda kahle ukuthi ukuhlulwa kwabo kusasa kungadunga injabulo ekhona.
"Kusiphoqa ukuthi sinqobe noma kanjani ngoba ukuhlulwa kungashintsha lesi sithombe esihle ngathi. Kuzoba umdlalo onzima, sizodlala neqembu okuyilo izingqwele zeChampions League," kubeka uModiba esithangamini sabezindaba izolo.
Lo mdlali osaphuthwe umdlalo owodwa kulo mqhudelwno, uqhube wathi sebekubeke eceleni ukuthi bangompetha beligi, imiqondo yabo isigxile emdlalweni wakusasa.
"Ngeke sizethwese ingcindezi, siyazazi ukuthi siyiqembu lezinga eliphezulu. Angikuboni okungama endleleni yethu uma sizoqhubeka ngendlela esidlala ngayo.“
Emlenzeni wokuqala, ekuhambeni, iSundowns iphikelwe igoli elishaywe nguPeter Shalulile ngemuva kokuthi iVideo Assistant Referee ikhombise ukuthi ubesemhlabeni ongafanele.
Umqeqeshi uMokwena uthe nakusasa banalo ithuba lokushaya igoli.
"Engizolokhu ngikugxishe kubadlali ukuthi ababekezele. Siyazethemba ukuthi sizoyihlakaza iWydad. Emlenzeni wokuqala sibe nebhadi kuphikwa igoli likaPeter. Nokuphuma ngamakhadi kwabadlali bethu kusiphoqe ukushintsha indlela yokudlala.
“Kujabulisile ukubona abadlali beyibamba ngokushesha kulesiya simo ebesinzima. Lokhu kubekezela engikhuluma ngakho ngikuqondisa kuwo wonke umuntu kuhlanganisa nabalandeli bethu," kusho uMokwena oveze ukuthi emidlalweni edlule abalandeli bamaBrazillians baphenduke umdlali wesi-12 nowesi-13.
Uthe ulindele ukubabona begcwele phama eLoftus, beshaya izigubhu behaya nezisho zeqembu.