INKAKHA yeMamelodi Sundowns, uBennett Mnguni, ithi ayiyiboni nakancane inkinga ngokuboshelwa kweningi labadlali beMamelodi Sundowns eqenjini lesizwe iBafana Bafana eliyibambe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-ivory Coast.
IBafana Bafana ibibophele abadlali beSundowns abayisishiyagalombili esikimini esiqale umdlalo ngenkathi inenebula iNamibia ngo 4-0 emdlalweni kaGroup E, ngeSonto.
Lokhu kususe ukukhuluma okuhambisana nokuklolodelana ezinkundleni zokuxhumana phakathi kwabanye abalandeli nabathandi bebhola, abanye beteketisa iBafana Bafana ngele ‘Bafana Sundowns’, ngenxa yokudlaliswa kwabadlali abaninigi beSundowns kulo mdlalo wangeSonto.
Abanye balaba balandeli belibeke ngembaba elokuthi iBafana ayiselona iqembu lesizwe, kodwa isiyiSundowns uqobo.
ISundowns inabadlali abangu-10 eqenjini lesizwe elimele uMzansi kwi-Afcon.
“Abalandeli bebhola bayohlale bakhuluma ngoba kuyilungelo labo njengabalandeli ukuveza imibono yabo njengabalandeli, futhi ngokwami akufanele izitshwe imibono yabo.
Kodwa-ke kulokhu abakhala ngakho abanye babo kokuthi iBafana isiyiSundowns, cha, angivumelani impela nakho.
Uyabona, kunoma yiliphi izwe emhlabeni abadlali baqokelwa eqenjini lesizwe ngokwefomu yabo yangaleso sikhathi, futhi-ke akulula kumqeqeshi wesiziwe ukuziba iqembu elenza kahle kwiligi enkulu yakulelo zwe ngaleso sikhathi, njengoba iSundowns yenza njengamanje kwiDStv Premiership,” kuchaza uMnguni.
“Iqiniso wukuthi Sundowns yilona qembu elidlala kangcono kakhulu njengamanje kwiDStv Premiership, ngakho akulula-ke kumqeqeshi weBafana, uBroos (Hugo), ukuziba abadlali beqembu elenza kahle.
Iningi labadlali beSundowns likujwayele ukudlala imidlalo yeCaf Champions League, futhi muva nje basanda kuwina indebe ye-African Football League, ngakho isipiliyoni sabo sokudlala imidlalo yase-Afrika yiso kanye lesi esidingwa yiqembu lethu lesizwe iBafana Bafana. Ngikhuluma nawe nje iBafana Bafana idlale kahle ishaya iNamibia ibophele iningi labadlali beSundowns, ngakho-ke into engonakele ayidingi ukulungiswa, sisho njalo isiNgisi. Uma ngingenza nje isibonelo, iqembu lesizwe laseGermany lihlale libophele inqwaba yabadlali beBayern Munich esikwatini salo ngoba yilona qembu elenza kahle kwiGerman Bundesliga.”
IBafana esethubeni lokwedlulela emzuliswaneni we-Last 16. izosonga isigaba samaqoqo neTunisia, namuhla ngo-7 ebusuku, e-Amadou Gon Coulibay Stadium, eKorhongo.