BAFISA kusungulwe ikilabhu yokugijima ezoqanjwa ngegama likaMbuleli Mathanga ofihlwe ngenkulu inhlonipho ngempelasonto kubo, eNtambanana, eMpangeni.
Bekungekho ngisho indawo yokunyathela emagcekeni akwaCebekhulu lapho kufihlelwe khona uMathanga, oke waba wumpetha kazwelonke ebangeni lika-10 000m.
Igceke beliyimibalabala, kukhona amakilabhu ahlukene abephuma kuzona zonke izifundazwe zakuleli.
Emasontweni amabili edlule uMathanga, obegijimela iPhantane AC, utholakale elenga endlini abeqashe kuyo eNdwedwe. Amaphoyisa aveze ukuthi ubenenkebenkebe yengozi esiphundu.
Phakathi kwezikhulu ebezikhona emngcwabeni, uThabang Maleka we-Athletics South Africa (ASA), Steve Mkasi ongumengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), iphini lakhe, uMandla Mngomezulu ukusho ezimbalwa.
Kubaqeqeshi bekunoMichael "Sponge" Seme, Hendrick Ramaala, Willie Mtolo, Prodigal Khumalo, Andrew Booysen nabanye. Phakathi kwabasubathi abebekhona, uBongmusa Mthembu, Nkosikhona Mhlakwana, Precious Mashele noCollen Molaudzi abebephuma eLimpopo, Philani Buthelezi.
Zonke izikhulumi zosuku ziqhakambise intobeko uMathanga abenayo nokuthi bezisabheke lukhulu kuyena.
Abasubathi bamakilabhu ehlukene bebehuba amaculo okukhumbula le nyamazane. Uyise kaMathanga, uMnuz Bheki Cebekhulu, emngcwabeni uveze ukuthi ngaphambi kokuthi ishone indodana yabo, ebusuku yabashayela ucingo ibatshela ukuthi ishaywe yintombi, iyopha kanzima.
"Ngesikhathi indodana ikhuluma nonina, ngemuva lo wasifazane ubememeza ethi, mtshele unyoko ukuthi sengikushayile.
Sabe sesishayela abanye abagijimi ukuthi baphuthume ukuyobheka indodana. Bafika eselenga. Sisalinde umbiko kadokotela nophenyo lwamaphoyisa okuzosazisa ukuthi kwenzekeni ngempela kuMbuleli.
Sife olwembiza," kubeka uCebekhulu obonge kakhulu ngoxhaso aluthole kwiPhantane, KZNA nasemphakathini waseNtambanana.
UMdu Khumalo wePhantane AC, ubonge kubo bonke abebekhona ngesikhathi kubekwa uMathanga endlini yakhe yokugcina.
"Ngibonga kwabasesekile ngalesi sikhathi sobunzima. Nakuba umngcwabo uhlale ubuhlungu kodwa kugcine sekungathi wumcimbi othile. Bekugcwele ngendlela eyisimanga. Bengingakulindele lokhu,“ kusho uKhumalo.
Uthe nakuba besazohlala phansi nomndeni kodwa okuseqhulwini wukuthi eNtambanana kusungulwe ikilabhu ezoqanjwa ngoMbuleli Mathanga.
"UMathanga usitshengisile ukuthi likhona ithalente eNtambanana. Ukwakhiwa kwale kilabhu kuzovumbulula ithalente eliningi kule ndawo naseMpangeni jikelele.
Isifiso sethu wukuthi kube ngeyezinga eliphezulu. Lokho kungenzeka uma ingathola abaxhasi. Sifuna lihlale liphila igama likaMbuleli. Uyibekile induku ebandla," kubeka uKhumalo.
Ngempelasonto okuyiwa kuyo uMbuleli ubezoba ngomunye obezomela iKwaZulu-Natal kumaNational Cross-Country Championships, eGqeberha, e-Eastern Cape.