AKUNGABAZEKI ukuthi iMamelodi Sundowns izongena kowamanqamu eMTN8 ne-Orlando Pirates kusasa ithwelwe ngeqoma ngabaningi ngenxa yomgqigqo wayo omuhle kusukela kuqale isizini.
Lo mdlalo ohambe nesheke likaR8 million kompetha noR800 000 kwabazohlulwa, useMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-6 ntambama. Amathikithi awo adayiswe aphela okulindeleke ukuthi inkundla igcwale phama.
AmaSandawana asenqobe imidlalo engu-12 kwengu-13 ayidlalile kule sizini. Adlale ngokulingana kanye ebambana neKaizer Chiefs ngo 1-1 emlenzeni wokuqala wowandulela owamaqamu eMTN8.
Ngakolunye uhlangothi, isizini yamaBhakabhaka isewugingqigongqo okwamanje njengoba ekhombisa ubukhali kweminye imidlalo kodwa abukeke eyiqembu elehlukile kweminye.
Lokhu kubonakale emidlalweni yakamuva lapho eshaywe khona yiSundowns ngo 1-0 koweligi, akhishwa yiJwaneng Galaxy kowokuhlungela amaqoqo eCaf Champions League.
Angene kunzima nakulo mdlalo wamanqamu, eguqiswa yiStellenbosch FC ngo 1-0 emlenzeni wesibili kodwa agcina edlulile ngenxa yokushaya amagoli amabili emlenzeni wokuqala ekuhambeni enqoba ngo 2-1.
Amarekhodi akhomba ukuthi ezase-Orlando yizona ezinomlando ongcono uma kukhulunywa ngalo mqhudelwano, selokhu waxhaswa yiMTN.
Lokhu kungenza kungabi lula ukuqagela ukuthi yiliphi iqembu elizophuma eMabhida liyingqwele.
Nawa amaphuzu eMTN8 abalandeli bawo womabili amaqembu okuzomele bawetshise ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu:
- EZimnyama zihamba phambili kulo mqhudelwano selokhu waqala ukubizwa ngeMTN8 ngo-2008. Ziphakamise le ndebe ngo-2010, 2011, 2020 nango-2022.
-ISundowns isayinqobe kanye iMTN8, ngesikhathi idla iCape Town City ngo-2021.
-EzikaMagebhula zizobe zidlala kowamanqamu okwesikhombisa. Zisahlulwe kabili, zishaywa yiPlatinum Stars sekukhahlelwa amaphenathi ngo-2013, neKaizer Chiefs ngo 1-0 ngo-2014.
-AmaBrazilians azobe edlala kowamanqamu okwesine. Indebe isiwaphunyuke kabili, eguqiswa yiChiefs ngo-2008, abuye axetshulwa yiBidvest Wits ngo 3-0 ngo-2017.
-ISundowns ayikaze iyishaye iPirates emdlalweni weMTN8. Ngesikhathi beqhathwe kowandulela owamanqamu ngo-2011, amaBhakabhaka anqoba ngo 3-2 ekhaya kwathi umlenze wesibili waphela zibambene ngo 1-1.
-Ngesizini edlule, baphinde bahlangana kowandulela owamanqamu, umlenze wokuqala e-Orlando Stadium, waphela zibambene ngo 0-0, ngaphambi kokuthi iPirates iqumbe phansi iSundowns ngo 3-0 kowesibili.
- IPirates yilona kuphela iqembu elisakwazile ukunqoba iMTN8 amasizini amabili elandelana ngesikhathi iyithatha ngo-2010 nango-2011. Ingakuphinda lokhu uma ingavikela lesi sicoco kusasa.