INKOSIKAZI kaBongi Ntuli, uSinenjabulo Zungu, ichaze ngezinhlungu adlule kuzona umgadli waMaZulu FC emasontweni nasezinsukwini ezandulele ukudlula kwakhe emhlabeni ngeSonto.
USinenjabulo ubekhuluma ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo kaNtuli eMoses Mabhida Stadium izolo ntambama.
Laba babe nomshado omhlophe ngoSepthemba, kanti bebephezu kwezinhlelo zokwenza umgcagco ngosuku okudlule ngalo uNtuli emhlabeni.
Ushonele esibhedlela eMgungundlovu. Kuvele ukuthi uhlaselwe wumdlavuza wamaphaphu.
USinenjabulo uthe amanye amazwi ashiwo uNtuli kuye ngesikhathi esezinhlungwini, wukuthi: "Baby, akuvumi kubuhlungu, kunzima."
Eqhubeka, uthe uNtuli bese kunamasonto amathathu ebambekile kakhulu kodwa bebelokhu beqhubeka namalungiselelo omgcagco ngoba umyeni wakhe ubengayizwa eyokuthi uhlehliswe.
“Ubungalali ebusuku, uphenduka uzama uhlangothi olungcono ozolala ngalo. Noma ngabe yini lena ebikudla ibikudla ebusuku,” kusho yena efunda kwiselula, echiphiza.
Uthe nangesikhathi engeniswa esibhedlela ngoLwesihlanu olwedlule, wathi yena akabe eqhubeka namalungiselelo.
"Sithandazile, sathandaza kuMdali, sicela ahlenge impilo yakho. Ubusezinhlungwini ezinkulu, ngiseduze kwakho, ngikududuza kodwa ngingakwazi ukukwelapha.
“Ngizibonile izinyembezi zakho zokugcina ngazesula. Ungishiyelani nosizi olungaka sithandwa sami? Ngizokwenzenjani uma kunje?" kusho uSinenjabulo ngezwi elinosizi.
Izikhulumi ebezishiyelana inkundla beziphosa amazwi endunduzo kuyena uSinenjabulo kanjalo nasemndenini wakwaNtuli.
Le nkonzo yesikhumbuzo beyizimaziswe nangusihlalo weGolden Arrows, uMato Madlala, uManqoba Mngqithi oyiphini lomqeqeshi kwiSundowns nowaqeqesha uNtuli kwiSundowns, abalandeli baMaZulu, izinkakha zaKwaZulu-Natal. UNtuli uzofihlwa namuhla. Inkonzo izoba se-African Congregational Church, eCliffdale.