OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uKatlego “Mahoota” Mashego uthe nakuba zingaba ziningi izizathu eziholela ekutheni leli qembu lihluleke ukubamba umgqigqo omuhle emidlalweni yeDStv Premiership, okuningi kungalungiswa ukuthengwa kwabadlali abasha.
Ubufakazi bukhombisa ukuthi kusenzima ukuthi leli qembu laseSoweto lithole imiphumela emihle ilandelana kwiligi, yize liqhube kahle emiqhudelwaneni yomkhumulajezi eminyakeni emibili edlule.
Ezimnyama zibuye zilambatha ngempelasonto ziqunjwa phansi yiSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium.
Umphumela walokhu yirekhodi lokungahlulwa emidlalweni eyisithupha ilandelana emiqhudelwaneni eyahlukene selokhu kuqale unyaka.
Leli qembu belibheke ukunqoba emibili yeligi ilandelana njengoba ligcine ngokuketula izimbangi zalo iKaizer Chiefs ngo 3-2.
Sekujwayelekile ukuthi leli qembu linqobe umdlalo weligi bese lilahla amaphuzu kolandelayo.
Kule sizini lisayinqobe kanye emibili ilandelana, lidla iSekhukhune neChiefs ngoNovemba nyakenye.
Kusenzeke kanye nokuthi libuye namaphuzu aphelele kwemithathu yeligi ilandelana, ngesikhathi liguqisa iMoroka Swallows, TS Galaxy neLamontville Golden Arrows ngoDisemba.
Uma ebuzwa ukuthi ngabe yini inkinga ekubambeni umgqigqo kweyeligi, umqeqeshi uJose Riveiro, uvike ngokuthi bebeqala ukuhlulwa kulo nyaka kulandela umdlalo wabo wangempelasonto neSekhukhune.
Umphumela wakamuva ushiye amaBhakabhaka endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-21.
Anamaphuzu alinganayo neBabina Noko, egxume yayohlala endaweni yesithathu.
UMashego wayeyingxenye yeqembu leZimnyama eladla isicoco seligi ngesizini ka-2010/2011, lathatha inkomishi yeMTN 8 neyeNedbank Cup.
Ngaphambi kwalokho indebe yeligi wayeyiphakamise neSuperSport United. Ngemuva kokushiya iPirates uphinde wayithatha kabili neMamelodi Sundowns.
“Ukuze iqembu lenze kahle kwiligi lidinga abadlali abafanelekile kanjalo nomqeqeshi.
“Yingakho sijwayele ukubona abaqeqeshi nabadlali abathile benqoba isicoco seligi namaqembu alukene. Uma usukwenzile kanye usuke usuqonda ukuthi kudingekani,” kusho uMashego.
Uthe akasho ukuthi yindlela abadlali bePirates abalungiselela ngayo imidlalo yeligi neyomkhumulajezi eyenza bangayitholi imiphumela efanayo ngoba akukho okuningi okushintshayo ejimini, umehluko ungaba semiqondweni yabo.
Emidlalweni yomkhumulajezi uthe uma unganqobi uyaliwasha ijezi, kungenzeka lokho kukhuphule ukuzimisela kubadlali.
Uveze ukuthi kweyeligi bangazitshela ukuthi basenalo ithuba lokulungisa izinto kweminye imidlalo, kugcine kungenzekanga.
Into uMashego ayibona yenza kube wumqansa kakhulu wukuthi ezikaRiveiro zinqobe iligi okokuqala kusukela ngesizini ka-2011/2012 nokuthi isikwati asiqinile ngokufanele.
“Sonke siyabona ukuthi iPirates iyashisa ibuye ibande kodwa abantu abangachaza kangcono ukuthi kudalwa yini lokho yibona abadlali, thina singaba nemibono nje,” uqhube kanje.
UMashego uthi leli qembu alikabi naso isikwati esilungele ukuwina iligi, yize bekhona abadlali abasezingeni eliphezulu kodwa kabanele.
Lokhu uthi kucaca bha uma omunye wabo ehlelwa yifomu noma elimala isikhala sisheshe sibonakale.
“Mkhulu umehluko uma uyiqhathanisa neqembu elifana neSundowns elinenqwaba yabadlali abashisa ngezikhathi ezehlukene.
“Uma uPeter Shalulile ehlile bakhona abanye abagqamayo ekushayeleni amapali. Emidlalweni yakamuva sibone abadlali abafana noLucas Ribeiro, Thembinkosi Lorch, Tebogo Mokoena, Gaston Sirino nabanye behlohla amagoli. Akwenzeki lokho kwiPirates,” kuqhuba uMashego.
Uthe kusafanele abaphathi bathenge abanye abadlali ukuze iqembu libe nabasezingeni elifanayo embangweni wejezi. Yilokho okuhlukanisa ompetha namaqembu azamayo.
EzikaMagebhula uthi zizothola ithuba lokuvuka lizithathe uma sezibhekene neMoroka Swallows koweDStv Premiership oseDobsonville Stadium ngo-7.30 kusihlwa.
IZinyoni zinqobe iCape Town Spurs ngo 1-0 koweligi ngempelasonto njengoba zilwa nokubalekela izembe.