ISILOMO seqembu lesizwe iSenegal esidlalela iBayern Munich, uSadio Mane, sibhoboke okokuqala kusukela sihlinzelwe ukulimala okuholele ekutheni seqiwe iNdebe yoMhlaba eqale ngeSonto, kwelaseQatar.
Ukushayeka uMane ongukaputeni weSenegal, akuthole iqembu lakhe laseGermany lidlala oweligi emasontweni amabili adlule, kuqede amathuba alo mgadli okuhola izwe lakhe eQatar.
UMane obekubekwe kuyena amathemba okwenza kahle kweqembu lesizwe lase-Afrika koweNdebe yoMhlaba, uzwakalise injabulo enkulu ngokuhamba kahle kokuhlinzwa kwakhe.
ISenegal iyaluqala namuhla ngo-6 ntambama ushikishi lweNdebe yoMhlaba kuGroup A, ngaphandle kukaMane ngomdlalo onzima neNetherlands, engelinye lamazwe athishwe ukuba enze kahle kulo mqhudelwano. Amanye amazwe akuleli qoqo, i-Ecuador eyehlule osokhaya iQatar ngo-2-0 emdlalweni wokuvula ngeSonto.
Lo kaputeni weLions of Teranga uthumele umyalezo osakuphaka impi kozakwabo ekhasini lakhe le-Instagram.
“Asibonge kuMdali ngokuthi ukuhlinzwa kwami kuhambe kahle futhi sekudlulile. Konke lokhu kungenxa yemiyalezo yenu kusukela ngilimele.
“Ngithanda ukuthatha leli thuba ngizibongele kinina nonke ngemiyalezo yenu yenduduzo ngokulimala kwami,” ubhale kanje uMane kwi-Instagram.
Uqhube wathi: “NgoMsombuluko (namuhla) izwe lethu esilithanda njengoba sizithanda thina, liyaluqala uhambo koweNdebe yoMhlaba.
“Angikungabazi ukuthi amabhubesi (Senegal), azoyithatha njengeyamanqamu yonke imidlalo azoyidlala kulo mqhudelwano. Akekho ongazi ukuthi amabhubesi azolwa ebumbene njengeqembu.
“Angikungabazi futhi nokuthi bonke abantu baseSenegal bazobe behleli phambi kwamathelevishini abo befaka owabo umfutho ekusizeni ngokomoya leli qembu lethu lesizwe esizifelayo ngalo.
“Njengabo bonke abalandeli bamabhubesi, ngiyazi ukuthi iqembu eliqokelwa ukudlala lizolwa njengeqembu kodwa futhi nangabodwana abadlali bazokushiya konke abanakho enkundleni ngenhloso eyodwa yokwenza ukuthi izwe lethu esizishaya isifuba ngalo, lihlonipheke. Phezu kwabo!” kuphetha uMane kuleli khasi elilandelwa izinkulungwane umhlaba wonke.