NJENGOBA lime nse ibhola lamaqembu ngesikhathi kusaqhubeka iNdebe yoMhlaba ebanjelwe eQatar, intatheli yeSolezwe, uXolile Mpisane, udlane indlebe nenjini yaMaZulu FC, uGeorge Maluleka, mayelana nalindele ukubona kulo mqhudelwano.
Xolile Mpisane: Yini oyilindele kule Ndebe yoMhlaba ikakhulukazi njengoba idlalwa maphakathi nesizini?
George Maluleka: Ngicabanga ukuthi le Ndebe yoMhlaba izoba mnandi kakhulu uma ngibheka izinga lebhola lesimanje. Umdlalo usushintshe ngendlela emangalisayo ngakho ngilindele umqhudelwano onesasasa elikhulu. Sizobona ukuthi izimo ezehlukene zizoba namuphi umthelela emidlalweni. Ngiwubheke ngabomvu lo mqhudelwano.
XM: Njengoba emahlanu amaqembu amele izwekazi i-Afrika; iGhana, Morocco, Cameroon, Senegal neTunisia, ucabanga ukuthi azohamba ibanga elingakanani?
GM: Amaqembu ase-Afrika asethubeni elihle kakhulu lokwenza kahle kulo mqhudelwano. Baningi abadlali asebejwayele ukudlala emiqhudelwaneni emikhulukazi e-Europe nakumaligi akhona ahamba phambili, abazoletha amava emaqenjini abo basize nozakwabo. Ngikholwa wukuthi amaqembu ase-Afrika angamangaza iningi kwiNdebe yoMhlaba yalo nyaka.
XM: Uthini umbono wakho ngokuthi iNingizimu Afrika ayikho kulo mqhudelwano?
GM: Akumnandi ukuthi izwe lakho lingabibikho kwiNdebe yoMhlaba. Lena yimiqhudelwano emikhulu okufanele siqinisekise ukuthi siyingxenye yayo njalo. Njengabadlali bebhola abakhokhelwayo, lena yimidlalo esiphupha ngokuyidlala. Akuhleli kahle neze ukuthi asikwazi ukuyomela izwe lethu.
XM: Yimaphi amaqembu amabili obheke ukuthi afinyelele kowamanqamu?
GM: Ngicabanga ukuthi iBelgium izokwenza kahle kulo mqhudelwano kodwa angikakawabheki wonke amaqembu ukuze ngibone ukuthi aqine kangakanani. Ngokwami ngizobe ngeseka amaqembu ase-Afrika ukuze abuye neNdebe, kodwa uma kufanele ngikhethe elilodwa ngingakhetha iSenegal. Amaqembu amabili engicabanga ukuthi singawabona edudulana kowamanqamu yiSenegal neBrazil.
XM: Yibaphi abadlali ababili ocabanga ukuthi bazogqama kakhulu kule Ndebe yoMhlaba?
GM: Ngilindele lukhulu kuLionel Messi wase-Argentina ngoba uzobe egijima okokugcina kulo mqhudelwano. UCristiano Ronaldo wasePortugal, naye uzobe evalelisa futhi bakhona nabanye abangagqama kodwa ngicabanga ukuthi okufanele simbheke kakhulu nguMessi.