UMQEQESHI we-Orlando Pirates kwiDStv Diski Challenge, uJoseph "Dukuduku" Makhanya, ufuna okungaphezulu kumdlali uRelebohile (Ratomo) Mofokeng osephenduke intandokazi yabalandeli esikimini seDStv Premiership.
Mofokeng (18) ngomunye abadlali bePirates abashaye into ecokeme kwiDiski ngesizini edlule beqala ukudlala kule ligi. EZimnyama zihluleke ekugcineni ukuwina iligi egcine idliwe yiSuperSport United.
Esikimini esikhulu, lo mdlali odle ngejubane nomjiko, usedlale imidlalo eyisishiyagalombili, wayishaya kanye inethi. Alikho igoli asalakhile.
UMakhanya, obeqeqesha uMofokeng kweleDiski, uthe lokhu akwanele.
"Kuningi okusazovela kuyena ngoba ungumdlali ozethembayo. Akethuswa wubukhulu bomdlalo. Ngibona ukuthi usengalinikeza okungaphezulu iqembu. Ngikhulumile naye, ngamtshela ukuthi akakwazi ukudlala ngokuzonga. Kufanele azinikele ngokuphelele. Kufanele aqinisekise ukuthi ukhipha konke anakho. Okulindeleke kuyena wukwakha igama lakhe. Awukwazi ukuthi umncane kodwa udlale njengabadlali abadala. Kufanele ukhombise bonke abantu ukuthi kukhona lowo mlilo ovuthayo emehlweni akho," kusho uMakhanya.
"Ngibona ukuthi isikimu esikhulu engasinika okungaphezulu. Okunye, kufanele aqale ukushaya amagoli, awakhe futhi ngoba ngeke ahlale engumdlali osemncane njalo. Kufanele enze isiqiniseko sokuthi kuyona yonke imidlalo wakha amagoli noma uyawashaya ngoba uwulolo hlobo lomdlali. Uma umgqugquzela, umtshela ukuthi ufunani kuyena, uzokunika lokho njengoba kunjalo."
KweZimnyama, uMofokeng ubanga ijezi nabadlali abanesipiliyoni kwiPremiership okukhona kubona uThembonkosi Lorch ake amchaza njengabukela kuyena, Vincent Pule, Lesedi Kapinga, Patrick Maswanganyi, Katlego Otladisa, Monapule Saleng noDeon Hotto.
UMakhanya, obengesabi ukuphosela inselelo uRiveiro ngokuthi anyusele esikimini sakhe abadlali beDiski, wayedlala enkulisa yePirates esemncane eminyakeni edlule. Wanyuselwa esikimini esikhulu ekuqaleni kweminyaka yo-2000 noSenzo Meyiwa, Benedict Vilakazi, Gift Leremi no-Andile Cele, wazenzela igama ngokushesha.
"Njengomdlali osemncane wenza kahle kodwa naye uyazi ukuthi akakafiki ezingeni lakhe, usangenza okungcono kunalokhu. Ngimtshelile ukuthi uyakwazi ukudlula emadodeni, ngiyamazi. Kufanele akwenze lokho kwiPremiership. Uma uSaleng enika isikimu esikhulu okuthize, naye kufanele enze njalo ngoba akakwazi ukuba ungumdlali osemncane ongalenzeli lutho iqembu," kusho uMakhanya.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Richards Bay 0-2 Orlando Pirates; TS Galaxy 1-0 Cape Town Spurs; Golden Arrows 0-0 Mamelodi Sundowns ; Cape Town City 2-0 Stellenbosch ; Polokwane City 0-2 Chippa United; SuperSport United 0-1 Sekhukhune United ; Royal AM 2-0 Moroka Swallows; AmaZulu 1-5 Kaizer Chiefs.