UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uthi unethemba lokuthi izoxazululeka inkinga yesigwebo seFifa leli qembu elisabhekene nayo ukuze akwazi ukuqinisa amabhawodi njengoba isizini yeDStv Premiership iqala kule mpelasonto.
UMaduka ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe ziguqise AmaZulu FC ngo 1-0 kowamanqamu wePrince Mangosuthu Legacy Cup, ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi, ngoMgqibelo.
Kubonakale iningi labadlali abasha emaqenjini abebambe iqhaza kulo mqhudelwano wosuku olulodwa obubophele amaqembu amathathu aKwaZulu-Natal adlala kwiPremiership okuyiRoyal AM, AmaZulu, iRichards Bay FC neMbabane Swallows yaseSwatini.
UMaduka ukhuluma ngeyesigwebo seFifa nje, iRoyal AM ayikavumeleki ukusayina abadlali kuze kube ikhokha yonke imali ebalelwa kuR12 million eyikweleta uSamir Nurkovic, ngokomyalelo weFifa.
Lokhu kungenxa yokuthi leli qembu lanqamula inkontileka KaNurkovic kusaphele izinyanga ezintathu elijoyinile. Lo mdlali wabe eselufaka kwiFifa udaba lwakhe, yamvuna yathi waxoshwa ngendlela engafanele ngakho kumele akhokhelwe.
I-AM yabe isifaka isicelo sokuphikisana nesinqumo seFifa kodwa yachithwa yiNkantolo yamaCala ezeMidlalo emhlabeni, iCourt of Arbitration for Sport (Cas).
Nokho, kuvela ukuthi selugcine lugobile uphondo kumengameli waleli qembu, uShauwn Mkhize, osenqume ukuwulandela umyalelo weFifa wokukhokhela uNurkovic.
Kuvela ukuthi uMaMkhize usethi uzoyikhokha le mali enguR12 million ukuze siqedwe isigwebo seqembu lakhe sokungasayini abadlali.
"Ngihlabeke umxhwele ngendlela isikwati sami esesikhombisa ngayo ukuhlangana. Sekushoda lapha nalaphaya nje igcwale incwadi. Nginethemba lokuthi izogcina ixazululekile le nkinga yesigwebo sethu seFifa sokungakwazi ukusayinisa abadlali. Zikhona izindawo ezimbalwa engisafuna ukuziqinisa eqenjini.
“Uma nje siphela lesi gwebo, nakanjani sizobasayinisa laba badlali esibafunayo ngoba sebekhombisile ukuthi bangabadlali esibadingayo eqenjini lethu ngesizini ezayo," kusho uMaduka.
UNkanyiso Zungu ongumdlali wasesiswini osuka kwi-Orlando Pirates, uphinde wabonakala kwi-Legacy Cup eshaya into ecokeme, njengoba enza esifanayo nakwiKZN Premier's Cup. UMaduka waveza ukuthi sebemsayinisile kodwa ke ngeke bakwazi ukumbhalisa kwiPremier Soccer League (PSL) njengomdlali wabo uma sisamile isigwebo seFifa.
Kubonakale noKing Ndlovu ongunozinti osuka kwiMaritzburg United.
I-AM ekhombise izimpawu zokuba bukhali kwiLegacy Cup, izovula eyeDStv Premiership ngokududulana nawo AmaZulu FC, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eHarry Gwala, eMgungundlovu.