OWAYENGUMDLALI wasesiswini kwiMamelodi Sundowns eminyakeni edlule, u-Eric ‘Dambai’ Ramasike, uxwayise uThembinkosi Lorch ngokuthi kuzomele alijulukele ijezi eqenjini lakhe elisha, iSundowns. Wathi libophele abadlali abanohlonze endaweni ayidlalayo.
ULorch obesedlale amasizini ayisishiyagalombili kwi-Orlando Pirates futhi eyisilomo sabalandeli, ushiye iningi lishaqekile emenyezelwa njengomdlali omusha weSundowns ngoLwesihlanu olwedlule, ngemuva kokusayina neqembu laseChloorkop. Cishe ukusayina kukaLorch kwiSundowns yikhona okukhulunywe ngakho kakhulu ewindini likaJanuwari, lokubhalisa abadlali lePremier Soccer League (PSL).
Ugijima ohlangothini lwesokunxele nasemuva kwabagadli kanti uzobanga ijezi nabadlali okubalwa uThapelo Maseko, uJunior Mendieta, u-Aubebeker Nasir, Themba Zwane, Gaston Sirino noTashreeq Matthews osanda kusayiniswa yileli qembu esuka kwi-IK Sirius, yaseSweden.
“ULorch akayona imfundamakhwela futhi-ke usuka kwelinye iqembu elikhulu, uyijwayele ingcindezi. Ngakho angiboni engaba nenkinga engako yokujwayela eqenjini elinjengeSundowns. Inselelo abhekene nayo ngeyokuthi iqembu ayodlala kulona linabadlali abaseqophelweni eliphezulu kuzona zonke izindawo, okubalwa nayo le ayoyidlala. Ngakho-ke kuzofanele asebenze, alijulukele ngempela ijezi,” kweluleka uRamasike.
ULorch usebenzile phambilini nomqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, ngesikhathi esacija iPirates emasizinini edlule. Lokhu kungaphambi kokuba uMokwena ajoyine iChippa United, ayishiye wabuyela kwiSundowns ngaphansi kukaPitso Mosimane.
“Ukuthi uke wasebenza noRhulani phambilini kwiPirates akusho lutho lokho ebholeni ngoba uRhulani useqeqesha kwelinye iqembu manje futhi ungumqeqeshi okholelwa kakhulu kubadlali abazimiselayo nabazinikelayo.
“Ngakho-ke uLorch angazitsheli ukuthi kuzoba lula ukuthola ijezi. Kuzofanele asebenze ngokuphindiwe ngoba usekwelinye iqembu manje ijezi kuzomele alijulukele uma efuna libe ngelakhe.
“Okunye okungase kumbeke ethubeni elingcono wukuthi uyakwazi ukudlala ezindaweni ezihlukene, akagcini kuphela ngokudlala ohlangothini lwesokunxele, nakwesokudla uyakwazi ukudlala khona, aphinde adlale esiswini njengomdlali ohlaselayo. Eqinisweni nje iSundowns ibambe ufishi omkhulu kuLorch, ungumdlali oseqepholweni eliphezulu kwiPSL,” kuqhuba uRamasike.
AmaSandawane asaqengqeleza phambili kwi-log yeDStv Premiership futhi asayibambe kwiCaf Champions League, azobuyela ensimini ngoFebhuwari 14, ngemuva kwekhefu le-Afcon ngokubhekana neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.