Kungenzeka aphinde azithole engundingasithebeni umgadli waseNingizmu Afrika, uLuther Singh, kulandela ukuvela kwemibiko yokuthi angase adedelwe yiqembu lakhe laseSerbia, iFC Čukarički.
USingh (26) usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu ngoSepthemba nyakenye kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe yiqembu laseDenmark, iFC Copenhagen.
Wayefike kuleli qembu elalidlalelwa nguSibusiso Zuma ngo-Agasti ka-2021 kodwa wahluleka ukugqama kulona ngenxa yezingqinamba ezahlukene.
Izinkinga zakhe zaqala ngesikhathi efika kulona isizini isiqalile ngenxa yokuthi i-passport yakhe yayisiphelelwe yizikhala okugxivizwa kuzona izitembu uma umuntu ehambela kwelinye izwe.
Wabe eseyalelwa yiqembu ukuthi aziqeqeshe yedwa ukuze ehlise isisindo, walahlekelwa yifomu waphinde wahlaselwa wukugula.
USingh, owaqala kwiStars of Africa Academy eGoli, ngaphambi kokuthengwa yiqembu laseSweden, iGAIS, ngo-2015, ubethathwa njengomunye wabadlali baseNingizimu Afrika abangagcina begijima kumaligi aphezulu emhlabeni.
Bekubonakala sengathi uhambo lwakhe luqondile ngesikhathi esayiniswa yiqembu lasePortugal iSporting Braga, ngo-2017, nakuba echithe amasizini ambalwa alandelayo ebolekiswa emaqenjini afana neChaves, Moreirense noPacos de Ferreira.
Wadlala okokuqala kwiBafana Bafana ngo-2018 kodwa akawatholi amathuba anele okudlala emaqenjini akhe nokugcine sekuholele ekutheni alahlekelwe yindawo yakhe eqenjini lesizwe. Wagcina ukubonakala kwiBafana ngoSepthemba ka-2021 ngesikhathi idlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2022 neZimbabwe neGhana.
Ngesikhathi esayina kwiČukarički wakubeka kwacaca ukuthi usabheke ukuyilwela indawo yakhe eqenjini lesizwe kodwa lokho akwenzekanga.
Usadlale imidlalo engu-16 kuleli qembu kodwa ubesuka ebhentshini kuyona yonke. Isikhathi asichithe enkundleni yimizuzu engu-316, washaya amagoli amabili.
Ngokubika kwe-website yaseSerbia, iSportSport.ba, uSingh ngomunye wabadlali okulindeleke ukuthi bagawulwe yizembe kulandela ukufika komqeqeshi omusha uGordan Petric, nakuba iqembu lingakakuqinisekisi lokho.
Akushilo lo mqeqeshi kwi-website yeqembu ngesikhathi ethulwa ekuqaleni kwale nyanga wukuthi uhlose ukwenza izinguquko ezimbalwa eqenjini uma esexoxe nomqondisi wezebhola, uVladimir Matijašević.
I-Čukarički isendaweni yesine kwiSerbian SuperLiga ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-19. Ixebule iMladost Lucani ngo 3-0 emdlalweni wayo wakamuva odlalwe ngoDisemba 22 ngaphambi kokuthi iligi ithathe ikhefu. USingh ungene esiwombeni sesibili kulowo mdlalo.
Umdlalo wabo olandelayo uzoba sekhaya neVojvodina ngoJanuwari 31.
Sekuneminye imibiko yokuthi uSingh angahle asayiniswe yiqembu lase-Armenia, iFC Noah.