Tunisia (0) 1
France (0) 0
XOLILE MPISANE
INJABULO iphenduke usizi kwiTunisia ngesikhathi ihluleka ukudlulela kwi-Last 16 ye-2022 Fifa World Cup, yize inqobe iFrance ngo 1-0 emdlalweni wokugcina kuGroup D obuse-Education City Stadium, eAl Rayyan.
Igoli lokubika lishaywe nguWahbi Khazri esiwombeni sesibili kodwa kwagcina kuyibhedele iCarthage Eagles ngenxa yokuthi umphumela womdlalo obuphakathi kwe-Australia neDenmark awuyivunanga.
ITunisia ibidinga ukuthi la maqembu adlale ngokulingana kodwa iSocceroos yanqoba ngo 1-0 ngegoli elishaywe nguMatthew Leckie esiwombeni sesibili.
Yize iFrance igobile kulo mdlalo wokugcina kodwa iqede iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisithupha, ne-Australia yadlula ngamaphuzu alinganayo.
ITunisia ilale isithathu ngamaphuzu amane, emsileni kwavala iDenmark ngephuzu elilodwa.
Ngenxa yokuthi iLes Bleus ibisivele izibekisele indawo kwiLast 16, umqeqeshi wayo uDidier Deschamps wenze izinguquko eziyisishiyagalolunye eqala umdlalo wayizolo.
Lokhu kwenze iqembu alangahlangana ngendlela ebeliyiyo emidlalweni emibili yokuqala.
NoweTunisia, uJalel Kadri, ushintshe abadlali abayisihlanu kodwa ufake abanesivinini abalisizile iqembu lakhe ukuthi lihlasele kangcono.
ITunisia iyinyakazisile inethi ngomzuzu wesishiyagalombili ngesikhathi uNader Ghandri elibeka phakathi ibhola ebeligotshwe nguKhazri ngakwesokunxele.
Nokho igoli ligcine lingabalwanga ngenxa yokuthi umsizi kanompempe ubeseliphakamisile iduku ebona ukuthi uGhandri usemhlabeni ongafanele.
Ithuba lokubika elitholwe yiFrance liqhamuke ngomzuzu ka-25 ngemuva kokuthi uYoussouf Fofana esuke nebhola emuva walidlulisela kuKingsley Coman, okhahlele ishodi elibheke eceleni kwepali.
Unozinti weFrance, uSteve Mandanda, usebenze kabili ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, evimba ibhola ebelithunyelwe ngu-Anis Ben Slimane ngekhanda ngomzuzu ka-30, nentambo ebidonswe nguKhazri ekude ngoka-35.
ITunisia igcine ilitholile igoli ebilidinga ngomzuzu ka-58. U-Aissa Laidouni untshontshe ibhola ku-Aurelien Tchouameni enkabeni yenkundla, walinika uKhadri, ohambe nalo waze wangena ebhokisini, walibeka enethini.
Leli qhawe lithe liqeda ukujabulela igoli labe selikhishwa, indawo yalo yathathwa ngu-Issam Jebali, ngenxa yokuthi bese livele lithinteke eqakaleni.
UDeschamps uphendule ngokwenza izinguquko ezintathu ngomzuzu ka-63, efaka uKylian Mbappe, William Saliba no-Adrien Rabiot ezikhaleni zika-Coman, Raphael Varane noJordan Veretout.
Kwale kancane ukuthi uMbappe aphule izinhliziyo zeTunisia ngomzuzu ka-88 ngemuva kokuzakhela isikhala ngakwesokunxele ngaphambi kokudedela ishodi eliphebezwe ngu-Aymen Dahmen.
Lo nozinti waseTunisia uphinde wenza ezibukwayo kungakapheli nomzuzu, evimba umgundatshani obuqhamuka ku-Ousmane Dembele, ongene sekusele imizuzu engu-10.
Bekubonakala sengathi iTunisia izophuma isiphethe iphuzu elilodwa kulo mdlalo u-Antoine Griezmann, obengomunye wabadlali abaqhamuke ebhentshini, ebhakuzisa inethi ngesikhathi esengezwe ngunompempe, kodwa igoli laphikwa yiVAR nge-offside.
I-France isizobhekana neqembu elizoqeda endaweni yesibili ku-Group C kwiLast 16, i-Australia itholane phezulu nelizoqeda esicongweni kuleli qoqo.