USEPHENDUKE ikholwa lokuqina umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, oveze ukuthi usephila ngokuhlaba ngedolo phansi akhuleke kuMdali ukuba enze imfihlakalo ngokululama kukaPeter Shalulile noLucas Ribeiro.
UMokwena uthe umkhuleko wakhe usekutheni laba badlali babe sebeluleme ngaphambi kokubhekana ne-Al Ahly kowandulela amanqamu e-African Footal League (AFL) ngempelasonto.
I-Sundowns izibekisele indawo kowandulela owamanqamu walo mqhudelwano ohamba nezizumbulu zemali, ngokunqoba kwiPetro Atletico de Luanda yase-Angola ngo 2-0 uma sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Ngeledlule iSundowns izenzele umsebenzi waba lula kowomlenze wokuqala ewunqobe ngo 2-0 ekuhambeni. Kowesibili odlalwe eLoftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku, kuphele zibambene ngo 0-0.
Le wini iqhathe iSundowns nezimbangi zayo ezinkulu i-Al Ahly yase-Egypt yona edlulele kulesi sigaba ngokubambana ngo 3-3 neSimba SC yaseTanzania isihlangene yomibili imilenze kodwa yavunwa yizibalo zamagoli.
I-Ahly edlalelwa uPercy Tau, okhule kwiSundowns, ibambane neSimba ngo 2-2 eTanzania kwaphinde kwaba u 1-1 sebeseCairo ngoLwesibili.
Esithangamini nabezindaba eLoftus, uMokwena udwebe isithombe somqeqeshi oselala neBhayibheli eceleni kwakhe.
Umlenze wokuqala owandulela owamanqamu ungeSonto kuleli.
“Nsuku zonke ngihlaba ngedolo phansi ngicele eNkosini ukuba iphinde ikhombise ubukhulu bayo ngokululama kwalaba bagadli njengoba yenza eBhayibhelini iphendula amanzi iwenza iwayini,” kusho uMokwena.
“Amandla oMdali siwabonile esebenza ngoMose, ukuze luweleke ulwandle olubomvu. Kuzona zonke izimangaliso aseke wazenza, umthandazo wami uthi ngicela aphinde okokugcina ngci ngokululama kukaShalulile noRibeiro.
“Uma uMdali ekwazi ukuvusa abafileyo ngokubathinta ngezandla zakhe, nami ngicela athinte laba bagadli babuyele enkundleni ngokushesha ngoba ukuba khona kwabo kuzokwenza umehluko omkhulu,” kuqhuba umqeqeshi.
UMokwena akafuni nokho ukuziba umsebenzi omuhle owenziwa ngabanye abadlali njengoba lezi zithenjwa nabanye abaningi zilimele.
“Bonke abadlali abakhona kwiSundowns bakhombisile ukuthi singathembela kubona, ngakho-ke akufanele sikhuleke sengathi abekho. Kusemqoka ukubagqamisa ngoba bawenza ngendlela noma ngaphezulu umsebenzi obhekwe kubona,” kuqhuba uMokwena.
Ngokubhekana ne-Al Ahly ekhaya ngeSonto, uMokwena uthe: “Nakulokhu kuzoba wumdlalo ohlabahlosile ngoba kubhekene amaqembu amabili aseqophelweni eliphezulu futhi agqishe ngabadlali bohlobo oluphambili.”