LOWO owake wacija i-Orlando Pirates, uRuud Krol, ongowokuzalwa eNetherlands, ululeka uJose Riveiro ophethe izintambo njengamanje kuleli qembu, ukuthi nakanjani alwele ukunqoba isicoco seligi ngesizini ezayo ngoba sibaluleke kakhulu kusihlalo weZimnyama, u-Irvin Khoza nakubalandeli.
UKrol wafika kwiPirates ngo-2008, waba nesikhathi esihle enqoba izinkomishi ezintathu ngesizini eyodwa.
Kweka-2010/11, waphakamisa eyeligi, Nedbank Cup neyeMTN8.
IPirates yashiya abaningi bedidekile ithatha isinqumo sokungaqhubeki naye ekubeni enze lezi zimanga.
Kweka-2011/12, yaqasha uJulio Cesar Leal waseBrazil, wanqoba iTelkom Knockout neMTN8. Nokho lo mqeqeshi akayiqedanga isizini.
Izintambo zabe sezibanjwa u-Augusto Palacios wasePeru, okunguyena wathatha isicoco seligi.
Kwaba ukugcina kwayo iPirates ukuphakamisa eseligi. Okwamanje kukhonya iMamelodi Sundowns esisinqobe amahlandla ayisithupha kulandelana futhi ebukeka izosithatha okwesikhombisa.
URiveiro wafika kwiPirates ngesizini ka-2022/23, wanqoba inkomishi yeMTN8 neyeNedbank.
Nakule sizini usekwazile ukuvikela eyeMTN8. NgoMeyi 4, kanti iqembu lakhe lizodlala neChippa United kowandulela owamanqamu iNedbank. Kwisizini yakhe yokuqala uRiveiro iPirates igcine iqede endaweni yesibili kwi-log. Nakulokhu isembangweni wokuqeda kuyona le ndawo ehambisana nethikithi lokudlala kwiCaf Champions League.
Ngenxa yokunqoba izicoco ezimbili ngesizini edlule nabadlali abasayiniswe iPirates ekuqaleni kwesizini ukuqinisa iqembu, bekubonakala engathi eZimnyama zizonikeza iSundowns impi eqinile embangweni weligi kodwa kwangenzeka.
"Ukungabi namsebenzi kwenza ngibuke amaligi amaningi kuhlanganisa nayo iligi yalapho (DStv Premiership). Ngiyabona iSundowns iyakhonya, isicoco seligi isisiphendule esayo. Kungijabulisile ukubona ukuthi iPirates ikowandulela owamanqamu eNedbank nokuthi nakule sizini iphinde yasinqoba eseMTN8," kubeka uKrol owagcina ukusebenza kwiKuwait SC yaseKuwait, ngo-2020.
Uqhube wathi: "Nakuba uRiveiro efike waqeda indlala yezicoco kodwa ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi azame ukunqoba iligi. Ngokubuka imiphumela, iPirates ibinalo ithuba lokusinqoba kule sizini. Ishaywe ukungawubambi umgqigqo. Noma umqeqeshi angaziphakamisa ezinye izicoco kodwa kunoma iyiphi iligi uhlulelwa kakhulu ngesibalo sezinkomishi zeligi ozinqobile.
“Ngisebenzile no(Dkt) Khoza, kuye isicoco seligi sibaluleke kakhulu. Ngesifanayo nakubalandeli beqembu lakhe. Nabo bakukhumbule ukuchoma ngokuba ompetha beligi. Uma ngesizini ezayo iPirates ingayishubisa zisuka bese ibamba umgqigqo ingaba semathubeni amahle okusinqoba.”
Nakuba uKrol - owase eziwa ngendonda yeshethi eli-orange - akwazi ukuletha injabulo yesicoco seligi kweZimnyama kodwa kuze kube yimanje akukaze kucace ukuthi yini eyenza ashiye kuzona.
Ebuzwa ngesizathu esamshiyisa kuleli qembu, uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolo daba. Asiziyeke izinto esezadlula.”
Uveze ukuthi angabuyela kuleli uma kungaba khona iqembu elingabeka okuphathekayo etafuleni.
"Umsebenzi uhlale uqhamuka, inkinga ukuthi ngeke ngisakwazi ukuhlala ezindaweni ezingeke ziyilungele impilo yami. ENingizimu Afrika ngibe nesikhathi esihle. Ngingakujabulela ukubuyela khona," kubeka uKrol oveze ukuthi usazihlalele emzini wakhe oseSpain.
IPirates izobuyela enkundleni neRoyal AM koweligi ngeSonto ngo-3 ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.