ANGAGXUMA ahlale uma engabizwa yiKaizer Chiefs, uRuud Krol. Wazakhela igama eNingizimu Afrika, ngesikhathi enqoba ne-Orlando Pirates izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana eminyakeni edlule.
Selokhu iChiefs imkhombe indlela uMolefi Ntseki, yabambisa uCavin Johnson izintambo, kuvele ukuthi baningi abaqeqeshi abafaka izicelo zomsebenzi.
Emasontweni edlule leli phephandaba like labika ngomqeqeshi waseSpain, uRaul Caneda okuthiwa ungomunye wabafake isicelo somsebenzi. Uneziqu ze-Uefa Pro Licence futhi kuvela ukuthi ungumngani omkhulu kaPep Guardiola, ocija iManchester City yase-England.
UKrol uhlonishwa ngendlela eyisimanga kubo eNetherlands, nase-Europe jikelele. Ngesikhathi esagijima enkundleni, wayekhona izwe lakhe lifinyelela kowamanqamu eNdebe yoMhlaba ngo-1974, nango-1978, emqhudelwaneni ofanayo owawuse-Argentina, wayengukaputeni.
Akakaze awuthole umsebenzi selokhu eshiye iKuwait SC yaseKuwait, ayinqobise isicoco seligi ngo-2020. Kuleli wazakhela udumo ehola eZimnyama zidla isicoco seligi, Nedbank Cup, neMTN8 ngesizini ka-2010/ 11.
Nakweka-2011/12 waphinda esifanayo enqoba eseligi, eseTelkom Knockout, neMTN8. Eseshiyile kweZimnyama, wanqoba isicoco seligi neCS Sfaxien, ne-Espérance Sportive de Tunis ngokwehlukana kanti womabili amaqembu azoinze eTunisia.
Wabe eseya kwiRaja Casablanca yaseMorocco, wadla indebe ye-Unaf Cup. Useke waqeqesha iqembu lesizwe laseTunisia, Egypt wabuye waba yiphini kwelangakubo.
Phakathi kwamaqembu amakhulu aseke waqeqesha kubalwa ne-AL Ahli SC yaseLibya, neZamalek yase-Egypt, amahlandla amabili.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe, uKrol uveze ukuthi uzihlalele ekhaya eNetherlands, selokhu ehlukane neKuwait SC. Okugqamile wukuthi akananazi ngekhono lakhe futhi akazenyezi ngomsebenzi wakhe, wathi ubufakazi yizinto azizuzile selokhu eqale ukusebenza.
"Akhona amaqembu engixoxisana nawo, inkinga yamanye mancane. Amanye ngamakhulu, yikho nje ukuthi kasivumelani ngemali. Ngicabanga ukuthi maduze kukhona okuzohlangana. Kungaba yilapho e-Afrika, noma yikuphi nomhlaba. Ngeke ngizehlise isithunzi, ngiqeqeshe amaqembu athathwa njengamancane emhlabeni. Kusekuningi engingakwenzela ibhola lomhlaba,“ kusho uKrol.
Ebuzwa ukuthi angawuthatha yini umsebenzi weChiefs, uphendule kanje: "Kulolo hlangothi, asikaze sixhumane nayo kodwa uma ingangithinta ngingaya ngigijima. Mhlawumbe sekungavimba ukungavumelani ngezinto ezithile. IChiefs iyiqembu elikhulu, wonke umqeqeshi angathanda ukuba yingxenye yayo.“
Lo mqeqeshi uke wafunwa yiYoung Africans, yaseTanzania. Ngokomthombo kuvimbe yona indaba yokungavumelani ngenkece.