OKOKUQALA nokusemqoka okufanele kwenziwe iLamontville Golden Arrows ukwamukela ukuthi izifake ehlazweni ngokuvumela ukuthi i-Orlando Pirates ibukise ngayo iyinenebula ngo 7-1 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lawa amazwi enhloko yabaqeqeshi kuBafana Bes’thende, uSteve “Mphathi” Komphela, ewasho ngesikhathi ikhuluma nabezindaba ebisesithangamini nabo emuva komdlalo.
I-Arrows ifike emdlalweni ingayazi induku emidlalweni yeligi emithathu edlule kusukela kubuye uKomphela kodwa ibuyele emakhaya iswele umgodi wokucasha kulandela isibhaxu esingagcinanga ngokuyiphoxa kodwa esibohlise namathemba okuqeda isizini kwi-Top 8.
Okugqame enkulumweni kaKomphela ukuthi akekho umdlali wakhe azimisele ukuphuma naye iqhubu kodwa uzosebenzisa lo mphumela ukukhumbuza (abadlali) ngengozi yamaphutha emidlalweni ebasalele kule sizini.
“Umuntu ongazange awubuke umdlalo kodwa ozobona izinombolo zawo uzoxakeka ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi kube u 7-1 ngoba kubukeka sengathi bezithengana,” kusho uKomphela.
“Yebo bezithengana kodwa iPirates ibingcono futhi iyona ekhombise ukuwulungela kangcono umdlalo ngoba ukube besisezingeni layo bekungayiwa ekhefini kuyithina esihamba phambili.
“Ngalokhu angizami ukucasha ngesithupha kepha ngizama ukuveza ubuncane bentuba yokwenza iphutha kule ligi ikakhulukazi uma ubhekene namaqembu athathwa njengamakhulu njengePirates.
“Kusemqoka ukuthi sisheshe sikwamukele ukuthi sifathuzile futhi bekufanele silotsholwe ngale mbudlu esilotsholwe ngayo ngoba siyinike ngepuleti iPirates amaphuzu.
“Esiwombeni sesibili ngibe nomuzwa wokuthi abadlali bami sebevele baliphonsile ithawula. Uma wenza lokho ubhekene neqembu elithathwa njengelikhulu lisuka emphumeleni elinganeme ngawo, uzothwala kanzima njengoba kwenzekile kithina.
“Lo mphumela sekuyiwona esizowusebenzisa uma sifundisana ngezinto okungafanele zenziwe enkundleni njengokuphonsa ithawula nokuyeka amathuba alula uma uwathola njengoba senzile kulo mdlalo,” kuphetha uKomphela.
Abafana Bes’thende bazothola ithuba lokulungisa amaphutha uma sebemukela omakhelwane babo iRoyal AM emdlalweni weligi ozokuba ngo-Ephreli 20.