UMQEQESHI weMoroka Swallows, uSteve Komphela, uthe ukukhishwa komdlali wasesiswini u-Andile Jali, ngekhadi elibomvu kube nomthelela omkhulu ngempelasonto ngesikhathi beshaywa yiMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal eMTN8, eLucas Moripe Stadium.
Igoli lokubika kulo mdlalo, livalelwe nguThemba Zwane ekuqaleni kwesiwombe sesibili, efaka iqembu lakhe kowandulela owamanqamu.
UJali ukhishwe kungakapheli nemizuzu eyishumi kulo mdlalo obekungowokuqala ebhekene neqembu lakhe lakudala alishiye ekupheleni kwesizini edlule.
Unompempe uCedric Muvhali akayithandanga indlela adlalise ngayo kabi uTeboho Mokoena, wamkhomba emashaweni engakajuluki nokujuluka.
"Zimbili izinto ezimqoka empilweni, ukukhathazeka nokukwazi ukuguqula isimo. Uma ukwazi ukushintsha isimo kumele wenzenjalo. Uma ungeke ukwazi ukusishintsha kumele uqhubekele phambili," kusho uKomphela esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
"Lezi zinto ziyenzeka ebholeni kodwa akekho obengaqagela ukuthi kuzokwenzeka kulo mdlalo. Ukuthi uyaphoxeka noma cha akubalulekile. Bekufanele ngigxile ekuphoxekeni noma ngiqhubekele phambili? Njengoba ngishilo, lezi zinto ziyenzeka kodwa kwenzeke singakalindeli. Besingakasilungiseleli lesi simo nasejimini.
“Ngikubuke ngendlela yokuthi iqembu kumele lifunde ukudlala selishodelwa ngumdlali oyedwa. Uma ningazijwayezi lokho ngesikhathi niziqeqesha nizoba nenkinga uma sekwenzeka emdlalweni. Senze kahle ngesiwombe sokuqala kodwa senze amaphutha esiwombeni sesibili."
UKomphela nakuyena bekungokokuqala ebhekana neqembu lakhe lakudala selokhu eqashwe yiZinyoni ngenyanga edlule. Ngemuva kokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi beSundowns iminyaka emithathu, uthe leli qembu lisafana nekhaya kuye.
“Kumele ngibonge umndeni weMamelodi Sundowns ngokusamukela kahle, ikakhulukazi mina, kuzwakala kusekhaya, futhi ngiyakwazisa lokho,” kusho uKomphela.
Ngaphambi kwalo mdlalo womkhumulajezi iSwallows ibisidlale emibili yeDStv Premiership. Idlale ngokulingana ngo 1-1 neLamontville Golden Arrows kowokuqala ngaphambi kokushaywa yiCape Town City ngo 1-0 kowesibili.
Yize kunjalo, uKomphela uthe: “Asikude kakhulu nalapho sifuna ukuba khona. Ngaphambi kwalo mdlalo bengingasho ukuthi besiku-35% kuya ku-45%. Ngicabanga ukuthi manje sesinyukele ku-60%. Kunezigaba ezahlukene okumele kudlulwe kuzo uma kwenziwe izinguquko eqenjini. Kumele sidlule kuzona ngokucophelela ngoba ngeke siphumelele uma singakwenzi lokho.
"Sisesigabeni sokuqala, esizophela maduze. Okwamanje abantu basafunda indlela engicabanga ngayo nendlela engifuna izinto zenziwe ngayo. Ngemuva kwalokho sizodlulela esigabeni esilandelayo lapho wonke umuntu azobe eseqala ukujwayela khona, bese iqembu liyaqala lidlala kahle.”
ISwallows izobhekana neSekhukhune United koweligi ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.