UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uthembe kakhulu ifomu yezakhe ukuthi izoziweza emdlalweni onzima wePool B ne-Ireland eParis, eFrance, namuhla ngo-9 ebusuku.
Umdlalo uzovezwa bukhoma kwiSuperSport nakwiSABC2.
Ekhuluma ngalo mdlalo uKolisi, ozobe elihola emdlalweni wesibili iqembu kwi-2023 Rugby World Cup, uthe: “Akukho okukhulu okudlula lokhu. Baseqhulwini ekuklelisweni emhlabeni futhi sidlala nabo kwiWorld Cup. Sebenqobe imidlalo engu-14 ilandelana ngakho kuzothatha umfutho ophezulu ukubehlula.
“Kuzodingeka into yeqophelo ukuphuma kuleli qoqo. “Kuningi esikufundile ngabo emdlalweni wokugcina esiwudlale nabo. Womabili amaqembu adlala kahle ngakho yisikhathi esihle impela ukubhekana nabo. Sifuna ukudlala umdlalo omuhle, sizodlalela ukunqoba. Angingabazi ukuthi umdlalo uzoba nzima kodwa futhi uzodlalwa ngomoya osesimeni esihle.”
Kuleli sonto indaba ebisematheni ngalo mdlalo wamazwe amabili alandelana endaweni yokuqala neyesibili ekuklelisweni kweWorld Rugby, yibhentshi lomqeqeshi weNingizimu Afrika, uJacques Nienaber.
Lo mqeqeshi wenze okungajwayelekile ebophela ebhentshini abadlali abayisikhombisa abayibamba phambili nabayindlu yamandla noyedwa oyibamba emuva (7-1 split), i-scrumhalf, uCobus Reinach.
I-Ireland yona ngakolunye uhlangothi ayenzanga okungajwayelekile kwazise ibophela ibhentshi labahlanu baphambili nabathathu basemuva (5-3 split).
Yize kungajwayelekile okwenziwe ngumqeqeshi wamaBhokobhoko kodwa akuhlukile kulesi sikwati kwazise nango-2019 benqoba isikwati becijwa nguRassie Erasmus, bebebatshazwa nge 6-2 split.
Lokhu kutolike ukugaba ngamandla kwamaBhokobhoko ezigamekweni ezifana namabreakdown namascrum.
Womabili amaqembu asayinqobe yomibili ngokwehlukana imidlalo asayidlalile nokwenza lo kube ngowokuhlunga ozowelela kalula kumaquarterfinal.