UBEKUPHEBEZA okuthinta isigwebo sakhe nendlala yezinkomishi engena onyakeni ka-10 kwiKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, oqokwe njengovelele iCarling All Stars inqoba ngo 2-1 kwiStellenbosch FC koweCarling Black Label Cup ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
UKhune odingisiwe kwiChiefs ngenxa yokuziphathi kahle njengoba kwavela ukuthi wafika ejimini ephuzile, ungomunye wababegqamile ngesikhathi ikhethelo labadlali abavotelwe abalandeli linqoba le ndebe ebihambisana nesheke likaR2 million abazohlukanisela lona.
Ngokuvotelwa njengomdlali ovelele wosuku, uhlomule nangoR100 000.
Leli khethelo belihlanganisa abadlali abayisithupha bamaqembu asesigabeni esikhulu bese kuba abahlanu abagijima kwiDStv Diski Challenge (DDC).
IStellies ethole igunya lokudlala lo mdlalo ngoba ingompetha beCarling Knockout Cup, ishaywe ngamagoli ka-Ashley du Preez noMfundo Vilakazi, bobabili beChiefs, elayo lokubika latholwa, uMervin Boji ngemizuzu yokugcina.
UKhune ugqama kulo mdlalo nje, ucishe wangaba ingxenye yawo ngenxa yesigwebo sakhe kwiChiefs.
Isigwebo sikaKhune sibalula ukungazihlanganisi neqembu kumbe nonobhutshuzwayo kuze kube isikhathi esizomenyezelwa yiqembu, nokuphucwa isikhundla sobukaputeni.
Nakuba kunezikhathi lapho eke wenza khona amaphutha emdlalweni abedala ukuthi izihlwele zimcele ngaphandle kodwa ulitakulile iqembu lakhe, evimba amabhola anzima abethunyelwa yiStellies.
Ngemuva komdlalo ekhuluma nabezinaba, uKhune akazange athande ukuphawula ngobekungathinti umdlalo kwazise umbuzo ngokuthi isigwebo sakhe siyaqhubeka noma sesiphelile uwuphendule, wathi: “Angikholwa ukuthi le ndawo esikuyona ifanele ukuthi ngiphendule ngokunye ngaphandle kokubonga abalandeli ngokungivotela.
“Kuyangithobisa ukuqokwa njengovelele phakathi kwenqwaba yabadlali abenze kahle. Kuyangikhuthaza futhi kuyangikhumbuza ukuthi kukhona futhi kusekuningi engisengakwenza enkundleni."
IChiefs iqala unyaka wesishiyagalolunye yagcina ukuqukula inkomishi kwazise igcine ukuqukula ngeligi ngesizini ka-2014/2015.
Ubuziwe lo nozinti ukuthi kuwumuzwa onjani ukuqukula ekubeni iqembu lakhe lijuqwa indlala.
“Okusemqoka ukuthi abadlali abaqokwe abalandeli babajabulisile ngokuwina inkomishi. Okunye okufanele sikunake indlela iStellenbosch edlale kahle ngayo ibhekene nekhethelo.
“Ngiyabajabulela abafana abancane ngokuzwa umuzwa wokuhlabana futhi nginesifiso sokuthi lokhu kutshale okuthile kubona njengoba kwenzeka nakimina eminyakeni eminingi edlule,” kuphetha uKhune.