KUNEZIMPAWU zokuboshwa yiKaizer Chiefs izandla kubaxhasi beCarling Black Label Knockout ngeqhaza elizobanjwa u-Itumeleng Khune, emdlalweni weqembu lekhethelo (i-Black Label All Star XI) neStellenbosch FC ngoJanuwari 6, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ompetha beCarling KO, iStellenbosch bazodudulana naleli qembu elivotelwa abalandeli bamaqembu ahlukene adlala kwiDStv Premiership.
Izibalo zamavoti zakamuva zikhomba ukuthi uKhune uyena okufanele abe sezintini kulo mdlalo kodwa kunokungabaza ngalokhu kwazise usesesigwebeni sokungaziphathi kahle eqenjini lakhe.
Angaphezulu kuka-34 000 amavoti asengenile ngoKhune okumbeka endaweni yesibili kumgadli we-Orlando Pirates, kuKermit Erasmus we-Orlando Pirates ngamavoti angaphansi kancane kwangu-36 000.
Lo nozinti okungangatshazwa ukuthi ungomunye wabadlali abayizintandokazi ebholeni laseNingizimu Afrika okufakazelwa ukuthi uhlale eseqhulwini kuyona yonke imiqhudelwano evotelwa abalandeli, uke waba sematheni ngezindaba ezibheke eceleni muva nje.
Kubikwe ukuthi utheleke ejimini ebukhile okulandelwe ukuthi alahlwe yicala emuva kokuvela phambi kwekomiti leChiefs eliqondisa ubugwegwe.
Yize iChiefs ingazange iphumele obala ngesikhathi esizohlalwa uKhune ejezisiwe kodwa Isolezwe selihoshile ukuthi ngeke abe ingxenye yomdlalo weBlack Label All Stars kulandela ukuthi iqembu lakhe libhalele abaxhasi nePremier Soccer League (PSL) libazisa ngokuhoxisa kwalo kulo mdlalo.
“Akumnandi kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uKhune ngeke abe yingxenye yomdlalo osePolokwane,” kusho umthombo waleli phephanda ongaphakathi kubaxhasi kodwa ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba.
“IChiefs ibhale incwadi isazisa ngokumhoxisa kwayo emdlalweni izeseka ngokuthi uma edlala, kuzobe kuphambana nesibonelo abazama ukusenza ngoKhune nakwabanye abadlali,” kushaya lo mthombo ngamafuphi.
Kulindeleke ukuthi indawo kaKhune ithathwe obemlandela ngamavoti njengoba bekwenzeka phambili emiqhudelwaneni yakwaBlack Label uma kulimala umdlali onamavoti amaningi.
Ukuvotelwa kwabadlali abazoyiba sesikimini se-All Stars XI kuzovalwa namuhla ebusuku phakathi kwamabili.
Kuthintwa uVina Maphosa, wezokuxhumana kwiChiefs mayelana nokuhoxiswa kukaKhune, uthe: “NgoLwesine (namuhla) iqembu lizokwamukela abezindaba lapho kuzobhungwa khona ngoweRichards Bay. Sizokubona lapho okunye.”