OWAYENGUNOMPEMPE kwiPremier Soccer League (PSL), uVictor Hlungwani, unethemba lokuthi uzoligeza igama labo unondweba ozoqokelwa ukudlalisa owamanqamu weMTN8 ngempelasonto.
Abanye abalandeli bebhola eMzansi babambe umoya ngonompempe ozodlalisa i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns koweWafa Wafa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ongoMgqibelo, ngo-6 ntambama.
Lokhu kungenxa yezinqumo zabo ezishiye kukhalwa emidlalweni yakamuva. Kumanje abanye onompempe bamisiwe ngenxa yamaphutha. Kulaba kukhona uLuxolo Badi owenzelele iSundowns ngesikhathi yehlula iKaizer Chiefs kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weMTN8. UBadi akazange ayibeke iphenathi yeChiefs kulo mdlalo.
Omunye omisiwe uSiyabonga Nkomo owenza iphutha koweMoroka Swallows neSekhukhune United.
"Ukuqeda le nkulumo yokuthi iSundowns iyahlomula kungafanele, lo mdlalo udinga unompempe ozosebenzisa umthetho njengoba unjalo, alawule umdlalo engajahi,“ kusho uHlungwani.
“Kufanele aqine ngokomqondo futhi angesabi. Sisezindabeni ngezinto ezingezinhle kulezi zinsuku. Wonke amehlo azobe ebheke kwabazodlalisa. Akumnandi ukuthi kukhulunywa ngathi kabi masonto wonke. Ngiyathemba ukuthi unompempe ozoqokwa uzobe ewulungele umsebenzi kulo umdlalo futhi uzosibuyisa isithunzi sethu," kuqhuba uHlungwani oyeke ukufutha impempe ngo-2020.
Konompempe asebeke banikwa imidlalo emikhulu okungenzeka ithimba eliqokela imidlalo libheke ngakubona kukhona uThando Ndzandzeka, Jelly Chavani no-Abongile Tom. Emasontweni adlule, iPirates ikhale ngaphansi kwiSundowns emdlalweni weDStv Premiership, kwakhalwa ngonompempe uMasixole Bambiso ngokubeka iphenathi.
"Inkulu ingcindezi kunompempe ozoqokwa. Angazi ukuthi ubani abazomnika wona. Ngokwesipiliyoni ukhona uThando Ndzandzeka odlalise kahle kowomlenze wesibili wePirates neStellenboch. Omunye nguSikhumbuzo Gasa owenza kahle kakhulu okwamanje. Emdlalweni wamanqamu ubheka lokho. Uqoka unompempe osefomini ngaleso sikhathi. Ungimangazile ngokwenza kahle uMoses Kheswa odlalise iChiefs neCape Town City. Okwethu nje wukwethemba ukuthi bazoqoka umuntu ofanele," kusho uHlungwani.