USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, uveze ukuthi beyiqembu abazihlanganisi nezindaba zangasese zabadlali, nezigameko ezenzeka ngaphandle kweqembu.
Ubephawula kwiSolezwe ngemuva kokubuzwa ukuthi njengeqembu bami kuphi mayelana nezinsolo ezibhekene nomgadli wamaRockets, uThamsanqa Gabuza.
UGabuza usanda kuboshwa wavela enkantolo ngezinsolo zokuzama ukudlwengula owesifazane, nokucekela phansi impahla.
Kwavela imibiko yokuthi uGabuza wazinekela emaphoyiseni ngoNovemba 21, ngemuva kokuvulelwa icala lokuzama ukudlwengula, elokucekela phansi impahla nokushaya. NgoNovemba 22 wavela enkantolo, wathola ibheyili kaR3000. Ubuyela khona ngoMsombuluko ozayo.
Ngokujwayelekile uma umdlali efakwe enkantolo amaqembu akhipha isitatimende eveza ukuthi ayabamisa.
Nokho ngokusho kukaSukazi, iGalaxy ithathe isinqumo sokumfaka eqenjini ebelidlala na-AmaZulu kowandulela owamanqamu eCarling Black Label Knockout ngempelasonto edlule. Nokho ugcine engadlalanga.
USukazi uthe iGalaxy inendlela eyenza ngayo izinto, ayilandeli okwenziwa ngamanye amaqembu.
"IGalaxy ayizingeni izindaba zangasese zabadlali noma zawo wonke umsebenzi wayo. Imnika ithuba lokuzixazululela izinkinga zakhe. Ngesifanayo nakuGabuza, uzoqhubeka nokudlala. Wenzenjani uma uthi uyamumisa bese inkantolo imthola emsulwa? Sikhumbule ukuthi naye unohlangothi lwakhe ngokwenzekile," kubeka uSukazi.
Uthe bazohlala phansi baxoxe ngokuzokwenzeka uma sesiphumile isinqumo senkantolo.
Akaqali uGabuza ukubhekana nengalo yomthetho ngenxa yezinsolo zokushaya owesifazane. Ngo-2017 walala esitokisini ngemuva kokuvulelwa icala yintombi imsola ngokuyishaya.
Lo mgadli obeyibamba kwiSuperSport United ngesizini edlule, usenemidlalo eyisishiyagalombili yeligi kwiGalaxy, akakalishayi igoli.
Kuleli kujwayeleke ukuthi kube i-Orlando Pirates ibamise abadlali bayo abathinteka emacaleni.
Isanda kumisa isethenjwa sayo uThembinkosi Lorch, osanda kulengiselwa yinkantolo isigwebo seminyaka emihlanu ngenxa yokushaya nokulimaza uNokuphiwa Mathithibala, owayeyintombi yakhe. Uzoze abuyele emsebenzi ngoLwesibili.
NgoMashi wanyakenye iPirates yamisa owayengumdlali wayo, uNkanyiso Zungu ngecala elifanayo.
Nango-2021 kwaba ngesifanayo nakuBen Motshwari, nango-2020 benza okufanayo kuJustin Shonga waseZimbawe.
Nase-England, iManchester United ike yamisa obengumdlali wayo uMason Greenwood mayelana nezinsolo zokudlwengula, no-Antony obesolwa ngokuhlukumeza owesifazane, uke wamiswa, wabuye wabuyiswa.