USEKULUNGELE ukubuyela enkundleni umdlali weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, okuphele isizini edlule engasadlali ngenxa yokulimala.
IChiefs iqale kabi isizini ka-2023/2024 nomqeqeshi uMolefi Ntseki othathe indawo ka-Arthur Zwane oseyiphini. Lo umqeqeshi uselubonile ulaka lwabalandeli baMakhosi abamjikijele ngezigubhu ngesikhathi behlulwa yiTS Galaxy emdlalweni weDStv Premiership emasontweni adlule.
Nokho kwabanye kukhona ukuthi uNtseki akakalitholi ithuba lokubophela isikimu asifunayo ngenxa yokulimala kwabanye abadlali abamqoka. UDolly kuphele isizini edlule engasadlali kulandela ukulimala edolweni (anterior cruciate ligament) bebhekene neSekhukhune United ngo-Ephreli okudingeke ukuthi ahlinzwe.
Umthombo ozazi zonke ezeChiefs upotshoze ukuthi uDolly usewumqemane futhi makhulu amathuba okuthi abonakale esikimini uma Amakhosi esebuyela enkundleni emuva kwekhefu leFifa. Amakhosi azobhekana neRoyal AM kowePremiership ngoSepthemba 16 eFNB Stadium.
"UDolly useluleme ngokuphelele. Makhulu amathuba okuthi adlale uma sesibuya ekhefini. Uziqeqesha ngokugcwele neqembu futhi udlalile kweminye imidlalo yobungani. Ngaphezu kwalokho kuyiwe ekhefini leFifa esehamba neqembu uma liyodlala ekuhambeni," kusho umthombo.
UDolly, obegqoka ibhande likakaputeni kwiChiefs ngesizini edlule uma engekho u-Itumeleng Khune, kulindeleke ukuthi abuyise ubuholi enkundleni abanye abakhala ngokuthi abukho uma lidlala leli qembu. Okwamanje ibhande likakaputeni libanjiswe unozinti Brandon Peterson, odle ngamaphutha.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uvumile ukuthi uDolly useluleme ngokugcwele.
"Yebo, useyaziqeqesha neqembu. Okwamanje yikhefu leFifa. Sizobuya nezindaba ezithinta abadlali, sesibheka nemidlalo ngesonto elizayo," kusho uMaphosa.
IChiefs isendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisikhombisa emuva kwemidlalo eyisihlanu. Mhlawumbe okuthoba abalandeli bayo wukuthi isekhona kwiMTN8. Izodlala owomlenze wesibili wowandulela owamanqamu walo mqhudelwano neMamelodi Sundowns ngoSepthemba 23. Umdlalo womlenze wokuqala ekhaya uphele ngo 1-1 ngempelasonto edlule okunikeze iSundowns igoli lasekuhambeni, okushiya Amakhosi nomsebenzi wokushaya igoli noma amagoli kwese’Downs.