AYIFUNI ukungena kakhulu ezindabeni ezithinta iKaizer Chiefs inkakha yebhola yakuleli, uDoctor “16V” Khumalo.
UKhumalo (56) wafika kwiChiefs esemncane wadlala umdlalo wakhe wokuqala ngo-1987. Udlale imidlalo engaphezu kuka-400 kuleli qembu wanqoba inqwaba yezindebe ngaphambi kokuthi awabeke ethala ngo-2002.
Noma kunjalo, uthe akathandi ukuphawula kakhulu ngokwenzeka kuleli qembu njengoba kusobala ukuthi umbono wakhe neyabanye abake bagijima kuleli qembu ayamukelekile.
Ubekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide lapho ecelwe khona ngumlaleli walolu hlelo ukuba afake isandla ekuheheni uqweqwe lomqeqeshi wakuleli, uPitso Mosimane, ukuba azothatha izintambo kuMakhosi.
UMosimane, osahleli ekhaya kulandela ukuhlukana neqembu lase-United Arab Emirates, i-Al Wahda, ucashunwe emithonjeni yabezindaba ethi akayiboni inkinga ngokuqeqesha iChiefs uma engase imeshele futhi bavumelane ngendlela yokusebenza.
“Angifuni ukuthembisa into engingeke ngikwazi ukuyenza ngoba isimo asingivumeli ukuthi ngiyenze. Kumele ngihloniphe izikhundla zabantu futhi ngihloniphe iqembu, ngigxile kokumele ngikwenze ngoba uma uzikhathaza kakhulu ngokwenzeka eceleni ugcina usudidekile,” uKhumalo uphendule kanje.
“Ngiyakuqonda akushoyo (umlaleli), ngiyohlale ngingumlandeli weKaizer Chiefs futhi ngiyohlale ngiyinkakha yeqembu kodwa ngeshwa asikwazi ukubamba iqhaza noma sibeke imibono yethu. Ngakho-ke ngincamela ukuzibukela ngikude ngoba angifuni ukuzidalela amazinyo abusheshelezi.
“Uma uPitso efuna ukukwenza lokho kulungile. Ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu, usezibonakalisile futhi ngikholwa ukuthi angenza ezibukwayo kwiChiefs. Nokho, lokho ngikusho ngokungabaza ngenxa yezinto ezithile ezenzeka eqenjini ezingalungile, ikakhulukazi mayelana nokuthengwa kwabadlali.
“Kuningi engingakusho kodwa lena akuyona inkundla efanele futhi angifuni ukunyathela abantu amakhona. Ngingathanda ukungenelela, kodwa ayikho inkudla evulelekile yokuthi senze lokho.”
Ngemuva kokuwagaxa emgibeni ngo-2002, uKhumalo uqhubekile wahlala kwiChiefs eseyingxenye yethimba labaqeqeshi. Wasebenza njengephini labaqeqeshi abafana noMuhsin Ertugral, Ted Dumitru, Steve Komphela nabanye. Uke waqashwa njengebamba lomqeqeshi ngo-2002 nango-2012, wasebenza nakwinkulisa yeqembu. Ngemuva kokushiya iChiefs ngo-2017 uke wayibamba kwiBaroka kusukela ngo-2017 kuya ku-2018.
Uthe kuningi bona njengabantu abanamava abangasiza ngakho iqembu, ikakhulukazi njengoba lisabhekene nengwadla yokunganqobi zicoco selokhu lathatha eseligi ngesizini ka-2014/15.
“Okubuhlungu wukuthi indlela okwenzeka ngayo manje ayihlanganisi nemibono yalabo asebedlulile kule ndlela. Yinto engephikwe ukuthi laba ngabantu abasebenzele iqembu, bayazi ukuthi yini eyenza baphumelele, banqobe inqwaba yezicoco.
“Kuningi osekwenzekile eminyakeni embalwa selokhu ngagcina ukuba yingxenye yeqembu. Ngisho nosihlalo usanda kubalula ukuthi kuyaqala ngqa emlandweni weKaizer Chiefs ukubona leli qembu lishintsha abaqeqeshi kangaka esikhathi esifushane.
“Lokho kusho ukuthi kukhona okushodayo nabangakwenzi ngendlela. Siyalibona iqembu lithenga abadlali abangu-10, ngesizini elandelayo lidedele abayisishiyagalombili, lilethe abanye abangu-14, bese ngonyaka olandelayo lidedela abanye liphinde lilande abanye. Kuyinkomba yokuthi kukhona okushodayo.”
AmaKhosi asevele aphunyukwe yizicoco ezimbili kule sizini, iMTN 8 neCarling Black Label KO. Asezolwela eseNedbank Cup neseDStv Premiership. Kwiligi ahleli endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-14. UNeil Tovey oyinkakha naye usanda kusho kuleli phephandaba ukuthi angathanda ukulekelela ekusizeni iChiefs uma ithuba lingavela.