Orlando Pirates 0-0 Mamelodi Sundowns
Kunqobe iPirates ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi
KUNGENZEKA ukuba abadlali be-Orlando Pirates bavikele ikusasa lomqeqeshi wabo ngokuzamazamisa umlando bevika isicoco seMTN8 behlula ngo 3-1 emaphenathini iMamelodi Sundowns kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.
Unozinti wePirates, uSipho Chaine ube yiqhawe evimba amaphenathi amathathu okuqala elandelana eSundowns.
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) October 7, 2023
Ugila izimanga nje uChaine, kuzokhumbuleka ukuthi inyanga ka-Okthoba iyibeka ematheni indaba yendawo kanozinti wePirates ngenxa yokuthi ngunyaka okwashona ngawo owayeyisethenjwa sikanozinti wayo uSenzo Meyiwa (emuva kweminyaka eyisishiyagalolunye -washona ngo-Okhtoba 26, 2014- kusathungathwa owabulala uMeyiwa njengoba necala lisaqhubile enkantolo).
Ukudayiswa ephele emathikithi bekuzwakala njalo njengobufakazi uma ibhola lingena ebhokisini (kunoma yiliphi ibhokisi), ukuthi nebala adayiswe aphela amathikithi.
Yize abalandeli banhlangothi zombili bebesakazeke inkundla yonke kodwa iSundowns ibineqeqebana elizame ukuhleleka lazonga ndawonye neiskhuphasha samajezi aso ohlangothini olufulathele ulwandle.
Inhlokomo yabalandlei kungena u-Olisah Nda, ibinokukushiya nokudideka ukuthi yingoba bejabulela ukumbona enkundleni okokuqala kule sizini noma mhlawumbe bancamela yena ukunoNkosinathi Sibisi.
Lokhu kudalwa wukuthi uNdah ubethatha indawo yalo iBhodlela (isiteketiso sikaSibisi) emuva kokuba umdlalo walo uphele kabuhlungu lililama ngomzuzu ka-17 livimba umhlola obungena esibayeni sePirates.
Akubuzwa-ke ukuthi liphume lidinda isililo futhi kufanele kwazise bekungaqali ukuligila lokhu kanti naphezu, belidlala ekhaya KwaZulu-Natal njengoba lidabuka e-Estcourt.
USibisi ukhulele eThekwini kwiLamontville Golden Arrows, ngakho kuyohlezi kusemoyeni wakhe ukuba nomdlalo omuhle kwelikaBhanana.
Ngaphezu kwalokho, lokhu kulimala kuzophazamisa amathuba akhe okulwela indawo kwiBafana Bafana, abizelwe kuyo njengengxenye yabadlali abangu-23 abazongcweka ne-Eswatini ngoLwesihlanu ekhaya nosokhaya be-2024 Afcon, i-Ivory Coast (ngo-Okthoba 17 ekuhambeni).
ISundowns ibiyinhle ngesiwombe sokuqala kodwa kwesesibili, umdlali ubunganaminyakazo ngaphandle kwalesiya sigaba unondweba u-Abongile Tom eqinisele ekubekeni iphenathi.
Leyo phenathi noma obekubukeka saphenathi (egameni lokuvikela unondweba) kudalwe ngunozinti weZimnyama, uChaine obhabaze ibhola ebhokisini wabe eselijaha waphetha ngokusahayisana noweSundowns obesebhokisizini ezohlasela.
Inhlokomo yokungena kukandah ibe ngokuphambene behhomuzela abalandeli sekukhishwa uMiguel Timm, nokufanele ukuba abaqeqeshi kubanike isithombe esicacile ngezimfuno zabalandeli.
Lokhu kusukela ekutheni kule sizini, inkinga enkulue ebhekene nePirates, yisinqumo sabaqeqeshi bayo sokushintshashintsha njalo abadlali umdlalo nomdlalo.
Iyisishiyagalombili iPirates izama onozinti abehlukene ukuvala isikhala sikaMeyiwa, umbuzo wukuthi ngabe isimtholile na?
Abakhahlele amaphenathi:
Sundowns Pirates
Bongani Zungu (x) Deon Hotto (1)
Junior Mendietta (x)Lesedi Kapinga (1)
Tebogo Mokoena (x)Thapelo Xoki (x)
Mothobi Mvala (1)Karim Kimvuidi (1)