UHLOKOLOZA isidleke seqziqandu umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngempendulo yakhe yokuqhubeka nokungayibizi injini yeMamelodi Sundowns, u-Andile Jali. Nokho umbizile untanga wayo uThemba Zwane.
Ethula iqembu elizongcweka neSierra Leone neBotswana ngekhefu elizovuleka leFifa, uBroos umemezele uZwane, obese kunesikhathi esolwa ngokubashaya indiva, benoJali.
Uphinde wabuzwa ukuthi ngabe noJali usenalo ithuba eqenjini lesizwe kodwa impendulo yomqeqeshi waseBelgium, ivuse uhlevane kubathandi bebhola, ikakhulu abalandeli beSundowns.
“Uma ukhuluma ngo-Andile Jali, ngicabanga ukuthi cha,” kusho uBroos kwiSABC1 lapho ebethula ithimba labazodlala neSierra Leone ngoSepthemba 24, neBotswana ngoSepthemba 27.
“Njengoba sengike ngasho esikhathini esedlule, angifuni ukuphinda ngedelele izwe.”
Le nkulumo iphendulwe nanguSteve Komphela, ongubhuti omdala kubaqeqeshi beSundowns.
“Ngiyavumelana ngokugcwele. Asilweli ukuqokwa (kwabadlali beSundowns) lapha kodwa ukunakekela, ukucophelela, ukuqaphela nobuholi ezintweni esiziphimisayo,” kuloba uKomphela.
“@andilejali870 (ikhasi lika-Andile Jali kwiTwitter) ungumdlali njengabo bonke abanye kodwa ngaphambi kwalokho, uyintsha yaku lelizwe. Ungumphakathi kanti-ke asidingi ukuba nomphakathi odiniwe. Ngiyazicelela nje.”
Nabalandeli bezwakalise kuyo iTwitter ukuhambisana noKomphela abanye besola umqeqeshi ngokusebenzisa amazwi athena umdlali umdlandla.
“Sibonga kakhulu kodwa naye lo mkhulu akavale umlomo wakhe ovuzayo,” kuphendula uKomphela, komunye umlandeli oteketise uJali ngelikaGubevu ethi bona bayamthanda kwiSundowns.
Esikwatini sikaBroos bayisithupha abadlali beSundowns (Zwane, Rushine de Reuck, Aubrey Modiba, Ronwen Williams, Khuliso Mudau noTebogo Mokoena).
Ezintini - Ronwen Williams, Veli Mothwa noMelusi Buthelezi.
Emuva - Aubrey Modiba, Rushine De Reuck, Khuliso Mudau, Thibang Phete, Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi, Terrence Mashego noSidney Mobbie.
Esiswini - Goodman Mosele, Luke Leroux, Themba Zwane, Tebogo Mokoena, Sphephelo Sithole noSibongiseni Mthethwa.
Phambili - Khanyisa Mayo, Lye Forster, Mihlali Mayambela, Pule Mmodi, Zakhele Lepasa noKgaogelo Sekgota.