UMQEQEQSHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uhlanze iqiniso ngenkinga abhekene nayo yokuthola umdlali okungenani ozosondela ezingeni likaThemba “Mshishi” Zwane, amfanise nenhliziyo yeqembu lesizwe elilale isithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast.
UBroos, obuye nabafana bakhe kuleli izolo ekuseni, ukhulume ngekusasa labadlali abathile beBafana njengoba isizobuyela emshikashikeni weyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Akazange akufihle umqeqeshi ukuthi ekhempini yangenyanga ezayo yemidlalo yobungani abazoyidlala ne-Andorra ne-Algeria ekhaya nasekuhambeni, uzobiza abadlali abasha ngoba kunezindawo abona kufanele zibhekwe ngokushesha.
Phakathi kwalezo zindawo kukhona nekaZwane oneminyaka engu-34 obekwenza kube wuyena umdlali omdala kunabo bonke esikwatini seBafana ebesikwi-Afcon.
Ngesikhathi uBroos efika kuleli ngo-2021, uzibe abadlali abaningi abanegama kodwa obekukhalisa ngokukaMshishi kwazise obelokhu eyihole njengesibani iMamelodi Sundowns.
Sekuyindaba endala ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium uwujikile umqondo ngoZwane ofike waba wusizo kwiBafana, igila izimanga e-Ivory Coast.
Kusukela uBroos eguqule umqondo, uZwane usephenduke esinye sezithenjwa zakhe, okufakazelwa wukuthi usemchaza njengenhliziyo yeBafana.
“Noma kanjani kuzobe kunabadlali abasha kwiBafana ekhempini yangoMashi yize ngingazi kodwa ngeke kube ngabadlali abangu-10,” kusho uBroos sakuncokola kwabezindaba.
“Kunezindawo okuphoqayo ukuthi sizibhekisise ngokushesha kunezinye. Ukusho kwami lokhu akuchazi ukuthi isikwati sesizoshintsha sonke kepha kunezindawo okufanele siqale manje ukusebenza kuzona,” kuqhuba umqeqeshi.
Kulapho-ke uBroos eveze khona indaba kaZwane nekusasa lakhe kwiBafana.
“Sizobheka ukuthi kuhamba kanjani ngoZwane kusukela manje kuze kube yisikhathi sekhempu yangoMashi. Ngisho ngabe kuhamba kahle konke kodwa kuyasiphoqa ukuthi sibe siqala ukuthungatha omunye uThemba (Zwane).
“Kufanele sikuhlele manje ukuthi sizoyenza kanjani indaba yokuvala isikhala sikaZwane ngoba akufanele sizithole sesisenkingeni sengathi besingamboni ukuthi uyakhula.
“Mina noHelman (Mkhalele) sizoyihlalela phansi maduze indaba kaZwane kodwa esingeke sikufihle ukuthi sizobamema ekhempini elandelayo abadlali esibona ukuthi banawo amava okukhula bafike ezingeni lalokhu esikunikwa uyena (uZwane),” kuphetha uBroos.
Ngesikhathi iBafana ifika izolo, ihlangatshezwe yizindimbane zabalandeli esikhumulweni sezindiza, i-OR International Airport. Ukaputeni, uRonwen Williams, ubonge abantu baseMzansi.
“Sizizwa sihloniphekile ngokuthola ithuba elikhethekile lokuhlanganisa izinhlanga ezahlukene zaseNingizimu Afrika,” kusho umqeqeshi.
Ukubuyela ekhaya kulokhu kwesekwa phezu kobesikuthola sise-Ivory Coast, kuyasithobisa. Ngizishaya isifuba ngabadlali abebenimele kwi-Afcon.
Nani kufanele kube njalo ngoba laba badlali bakhombise ngayo yonke indlela ukuthi kusho ukuthini ukuba wumuntu waseNingizimu Afrika. Asingaliyeki leli thuba lokuzisondeza kwiBafana ukuze sizokhula ndawonye,” kusho uWilliams.