UKUGUQA njengamaqhawe kweBafana Bafana kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon), kumshiye enelisekile umqeqeshi wayo, uHugo Broos, oqede ukuqagela ngekusasa lakhe kuleli qembu lesizwe.
Ukuze kuphume iBafana umqhudelwano inganikwe lutho, kudingeke amaphenathi ngesikhathi inqotshwa yiNigeria ngo 4-2 umdlalo kade uphele zibambene ngo 1-1 ngoLwesithathu ebusuku ePeace Stadium of Bouake, e-Ivory Coast.
UBroos, obekunemibono ehlukene ngaye ngenxa yezinqumo zakhe namaqiniso awabhadlaza esidlangaleni nakwabezindaba, kufanele ashayelwe elikhulu ihlombe ngokufika nemiphumela encomekayo kuleli qembu lesizwe.
IBafana ihlulekile ukuzifaka kwi-Afcon edlule ibiseCameroon ngo-2022. Kodwa ngaphansi kobuholi bukaBroos, igcine ibalwa namazwe amane asale emqhudelwaneni wase-Ivory Coast.
Bese kuphele iminyaka engu-23 iBafana yagcina ukudlala kowandulela owamanqamu we-Afcon kodwa wakushintsha lokho umqeqeshi waseBelgium oneminyaka engu-71 ubudala.
IBafana isizobhekana neDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni wokulwela indawo yesithathu eFelix Houphounet Boigny Stadium kusasa ngo-10 ebusuku.
Abaqeqeshi abahlukene abebeyibambe kwi-Afcon besulile ezikhundleni, abanye baxoshwa emuva kokuphuma kwamaqembu abo.
Yize kuke kwaba nemvunge ngekusasa likaBroos emva kwenkulumo yakhe ngeminyaka yakhe kodwa umile ekutheni usengumqeqeshi weBafana futhi uyazigqaja ngalokho.
“Ngiyazi ukuthi konke kulele kumqashi wami ngekusasa kodwa ngineme ngomsebenzi wami kwiBafana,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu.
“Ebengikukhuluma ngeledlule ngeminyaka yami, akuqondene nomsebenzi wami engineme ngawo nengizishaya isifuba ngawo,” kuqhuba yena.
Kusukela uBroos ethathe umsebenzi kuMolefi Ntseki ngo-2019, usephendule iBafana elinye lamaqembu ahlonishayo ebholeni lase-Afrika.
Wakhe inqanawe yeqembu labadlali abahlangene futhi elisavunywa yiminyaka, okukhomba ukuthi uma iSouth African Football Association iqhubeka naye, maningi amathuba okuthi afake iqembu lesizwe koweNdebe yoMhlaba ka-2026 ezodlalelwa e-USA, Mexico naseCanada.
Okumenza ahluke kwabaningi lo mqeqeshi okusenguyena yedwa owangaphandle ofake iBafana kowandulela owamanqamu we-Afcon, wukuthi, lokhu ukwenze ngabadlali abebenganakiwe futhi abegxekwa ngokubabizela kwakhe kwiBafana.
Nakuba uBroos evuma ukuthi uphoxekile ngokukhishwa yiNigeria ngoba bekuseduze phambili kodwa uzishaya isifuba ngabadlali bakhe nakho konke abakwenze emqhudelwaneni.
“Ibhola linendlela yalo yokusimangaza, okuyinto eyenzekile kwazise besingcono kuneNigeria esiwombeni sokuqala. Sithole amathuba amathathu okuwina umdlalo emizuzwini engu-90 kodwa kwangenzeka,” kusho uBroos.
“Ngizishaya isifuba ngabadlali bami, kusukela umqhudelano uqala kwazise besinganikwe lutho kodwa ngiyazi ukuthi i-Afrika yonke isiyazi ukuthi iBafana akulona iqembu ongalizela ngobuso.
“Akekho obecabanga ukuthi sizofika kuleli zinga esifike kulona kodwa sifikile ngoba thina besethembana futhi sithandana,” kusho uBroos.