Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ufake leli qembu lesizwe lapho kunoju khona kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), maqede waklolodela abebemgxeka ngokuhamba no-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates kulo mqhudelwano osusesigabeni sama-quarterfinal e-Ivory Coast.
UMakgopa ongomunye wabadlali abayihola njengesibani iBafana esizifake kuma-quarter final, uyena ovule inkundla ngegoli elimqoka ngesikhathi leli qembu lesizwe likhipha izintandokazi zase-Afrika, iMorocco ngoLwesibili kwi-Last 16 eSan Pedro.
Sekuwumlando ukuthi iBafana izifake lapho kunoju khona isizwa igoli lesibili likaTebogo Mokoena okuyiqhathe neCape Verde kwi-quarterfinal ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku, eStade Charles Konan Banny, eYamoussoukro.
Ngaphambi kokufulathela iNingizimu Afrika, uBroos ugxekiwe kwezinye izingxenye zabalandeli ngokuhamba noMakgopa wePirates oneminyaka engu-23 ubudala.
Obekwenza le ngxenye yabalandeli isole uBroos ukuthi ifomu kaMakgopa kwiPirates ibingathusi uma uqhathanisa izinombolo zakhe nalezo ezabagadli abasale ngaphandle esikwatini esise-Ivory Coast.
Bekuyigoli likaMakgopa lesine kwiBafana emidlalweni engu-10 kanti kwiDStv Premiership usashayele iPirates ayisibalo esifanayo (4) emidlalweni yeligi engu-13.
Phakathi kwamagama abehamba phambili kwabekufanele bahambe, kusale uMakgopa, bekuvela uKhanyisa Mayo weCape Town City noBradley Grobler weSuperSport United. Bobabili laba bagadli bazihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kwiDStv Premiership njengoba benayisikhombisa umdlali ngamunye.
“Ngiyamjabulela uMakgopa olokhu ekhule njalo futhi eyilalele injengoba injalo imiyalelo yethu kodwa esengifisa ukubabona yilaba ababengigxeka ngokuza naye lapha kwi-Afcon,” kusho uBroos sakuqhosha esithangamini nabezindaba.
“Namanje ngisaxakekile ukuthi yini eyenza abantu baseNingizimu Afrika bengaboni ukuthi uMakgopa ungumgadli onethalente futhi osengenzela izwe okukhulu uma enikwa ithuba elanele,” kubuza uBroos.
Okumhlabe umxhwele wukubona ukukhula eqenjini lakhe lo mqeqeshi okunguyena omdala kunabo bonke abebeqale i-Afcon yase-Ivory Coast.
“Okuhle ngathi ukuthi siyakhula kusukela endleleni esiqale ngayo neMali kuze kube imanje. Ibinzima yonke imidlalo esidlule kuyona ngakho-ke bekumele silokhu sikhuphula izinga njengeqembu.
“Ukunqoba kwiMorocco kwenza wonke umuntu abheke thina kodwa futhi akukushintshi ukuthi ukuzethemba kwethu nakho kuya ngokuya kuyakhula.
“Uma usukhiphe kwi-Afcon izwe elikleliswe phambili kunawo wonke e-Afrika, akukho okusuke kusafanele ukwesabe,” kuphetha uBroos.