UMDLALI weqembu lePremier Soccer League (PSL), elingazange livezwe igama lakhe, ucasule umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokuziba ucingo ngesikhathi bezama ukumbizela ekhempini yaleli qembu lesizwe eseMbombela, eMpumalanga.
Lo mqeqeshi usekhempini neBafana ezozwana amandla neMozambique ngoLwesine, bese kuba i-Angola ngeSonto, eMbombela Stadium.
Esithangamini nabezindaba izolo ntambama, uBroos odume ngokungathuli uma kukhona okumcasulile, uveze ukuthi kunomdlali abazame konke ukumbizela ekhempini ngoba bethole ukuthi uLyle Foster, ngeke esaba ingxenye yeBafana, kodwa bangamthola.
“NgeSonto ekuseni, sithole ukuthi uFoster (osefomini enhle) ngeke esaba ingxenye yeqembu lesizwe elizobhekana neMozambique ne-Angola ngenxa yokulimala, kwaphoqa ukuba sithole umdlali esizovala ngaye isikhala sakhe,” kusho uBroos.
“Angiboni kubalulekile ukugxila kumbe nginabe ngemininingwane ngalo mdlali esizame konke ukuxhumana naye kodwa sangaphumelela. Okumqoka ukuthi silande uMothusi (Aubaas) kwi-TS Galaxy.
“Kusukela izolo ekuseni (ngeSonto) sithola izindaba ezimbi ngoFoster, sikwenze konke okusemandleni futhi siyilandele yonke imigudu ukuzama ukuvala isikhala sakhe ngomdlali othile kodwa kuze kwashaya u-11 (ngoMsombuluko) namuhla sihluleka ukuxhumana naye.
“Ngokubona ukuthi asiyitholi impendulo, sibone kungcono ukubiza u-Aubaas. Sikwenza lokhu ngoba kwale noma sesiyithumele incwadi emazisayo eqenjini lakhe kodwa yangabuya impendulo. Siyithumele kumdlali uqobo imiyalezo sazama nokumthinta ngocingo kwagcina kusicacela ukuthi ngeke siphumelele,” kusho uBroos.
Akuqali ukuthi uBroos ahlangabezane nenkinga efanayo kwazise uGoodman Mosele, we-Orlando Pirates, wamphoxa engafiki ekhempini kade ebiziwe. UMosele wabuya waxolisa kuBroos ngalesi senzo.
Okunye uBroos akhale ngakho ukunyomfeka kwezinhlelo ngenxa yokulimala kwabadlali abebumbe ngabo isikimu esimgeze ngaphakathi muva nje, sibhubhudla iSierra Leone.
“Ngifisa ngabe bakhona abadlali abafana no-Innocent (Maela) noNkosinathi (Sibisi) ngoba abakwenze koweSierra Leone kusikhombise isithombe sokuthi leli qembu lingaba yini ngomuso.
“Yize lokhu kukubi kodwa kuvuleka nethuba lalaba ababizelwe ukuzovala izikhala zoThibang (Phete), Siphephelo (Sithole), Percy (Tau) noTerrence (Mashego) ukuba baphakamise isandla bazifake kwiBafana ezobhekana neLiberia ngoMashi, wonyaka ozayo.
“Nakubona laba abalimele umnyango usavuliwe, yinqobo nje, uma belulama ngesikhathi,” kuphetha uBroos.