SESIVELILE isizathu esenze ukuthi umdlali weBafana Bafana, uLyle Foster angabonakali ekhempini yaleli qembu lesizwe eqale ngesonto eledlule.
Kunalokho, kuqhamuke i-video yalo mgadli eqala ukuziqeqesha neqembu lakhe lase-England, iBurnley, belungiselela ukuqala kwesizini ezayo ye-English Premier League.
NgoLwesine esithangamini sabezindaba, umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ucacise ngesizathu sokungabonakali kwalo mdlali eqenjini lesizwe.
IBafana ilungiselela ukubhekana neMorocco emdlalweni wokugcina kaGroup K, wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2024.
Womabili la maqembu aya kulo mdlalo esezibekisele indawo kwi-Afcon. Azodudulana eFNB Stadium, eGoli, ngo-5 ntambama ngoJuni 17.
UFoster uyena owashayela iBafana igoli ngesikhathi ihlulwa ngo-2-1 emdlalweni wokuqala wokuhlunga ekuhambeni.
Lo mgadli ujoyine iBurnley ngoJanuwari, ngaphambi kokuthi ikhushulelwe kwi-English Premiership.
“Eqinisweni, bengivele ngimanqika ngokubiza uFoster kulesi sikwati uma uzokhumbula ukuthi ugcine ukudlala ibhola ngasekupheleni kuka-Ephreli, okusho ukuthi ubezofika kithina enezinyanga cishe ezimbili engalidlalile ibhola,” kusho uBroos kwabezindaba esithangamini ebesithulwa kwiSABC.
“Ngiyazi ukuthi ubeziqeqesha ngayedwana ngesikhathi sakhe kodwa nalokho bekunganele uma uzokhumbula ukuthi sidlala neMorocco.
“Kungene ucingo kimina luvela, kuVincent Kompany, (oqeqesha iBurnley), engimazi ukusuka nokuhlala kwazise imina omkhuphulele esikimini esikhulu se-Anderlecht yaseBelgium, eneminyaka engu-17 ngesikhathi ngisaqeqesha kuyona.
“Lungijabulisile lolu cingo ngoba bese kunesikhathi ngingakhulumi naye okuyilapho engicele khona ukuba ngingambizi uFoster ngoba ufike kwiBurnley ngoJanuwari, obekumaphakathi nesizini kanti ubengakangeni khaxa esitayeleni seqembu.
First day of pre-season: ✅ pic.twitter.com/WEgbpCIU9H
— Burnley FC 🏆 (@BurnleyOfficial) June 5, 2023
“Ungazisile ukuthi yena noFoster nedlanzana labadlali abangeke baye emaqenjini abo esizwe bayabuyela emsebenzini ngoJuni 5. Kungijabulisile akwenzile uKompany ngoba abanye bebengenza ngenye indlela.
“Ngimazisile ukuthi bengivele ngihlela ukungambizi uFoster savumelana wabonga.
“Ngiyamjabulela-ke kodwa nami uFoster ngoba kumqoka ukuthi ayiqale kahle isizini esigabeni esikhulu,” kuphetha uBroos.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams [Mamelodi Sundowns], Veli Mothwa [AmaZulu], Ricardo Goss [SuperSport United].
Abesemuva: Sydney Mobbie [Sekhukhune United], Siyanda Xulu [Turan Tovuz], Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi [Orlando Pirates], Thapelo Morena, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Mothobi Mvala [All Mamelodi Sundowns].
Esiswini: Luke Le Roux [Varbergs BoIS], Njabulo Blom [Saint Louis], Teboho Mokoena [Mamelodi Sundowns], Bathusi Aubaas [TS Galaxy].
Abaphambili: Monnapule Saleng [Orlando Pirates], Themba Zwane, Cassius Mailula [Both Mamelodi Sundowns], Mihlali Mayambela [Aris Limassol], Bongokuhle Hlongwane [Minnesota United FC], Percy Tau [Al Ahly SC], Zakhele Lepasa, Thapelo Maseko [SuperSport United].