USHIYE amazwi aqinile umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, abewabhekise eqenjini lase-United States of America (USA), i-St Louis FC, elidlalelwa uNjabulo Blom.
Uthe ufisa leli qembu liziphathe kangcono ngokuzayo ngoba namanje akagculisekile ngendlela elenze ngayo ngekhempu yangoMashi, uBlom agcina engafikanga kuyona.
UBross ubeseGoli izolo emini, lapho ememezele khona isikwati sabadlali abangu-23 azobhekana ngabo neMorocco kowokusonga u-Group K weyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka ozayo. Umdlalo ungoJune 17, e-FNB Stadium ngo-5 ntambama.
Esikwatini esiqinile uBroos aya ngaso kulo mdlalo athe uzokhombisa ibanga eselihanjwe iqembu lakhe kusukela ethathe efikile, kukhona uBlom ogila izimanga kwiMajor League Soccer (MLS).
NgoMashi, uBlom weqiwe imidlalo emibili emqoka yokuhlunga neLiberia kodwa isizathu salokhu simshiye ethelwa ngamanzi uBroos ngenxa yentukuthelo.
Lo mqeqeshi waseBelgium, ubesola iSt Louis eqeqeshwa, nguBradley Carnell wakuleli, ngokubadlala umqondo ngendlela eluphathe ngayo udaba lukaBlom obekuthiwa une-Covid-19.
Sekungumlando ukuthi uBroos ugcine esabisa nangokuthi uzobabika kwiFifa ngoba lokhu abebasola ngakho ubethi akukho emthethweni.
Ebuzwa ngokubuya kukaBlom kwiBafana, uBroos uthe ubevele engakaze abenenkinga nomdlali kodwa ubecikwa iqembu alidlalelayo.
“Angikaze ngibe nenkinga nomdlali kepha benginengwa indlela iqembu lakhe ebelingasicaciseli ngayo ukuthi kwenzekani ngomdlali,” kusho uBroos kwabezindaba esithangamini ebesivezwa kwiSABC.
“Indlela iSt Louis eyenze ngayo ayikho emthethweni weFifa. Bekungewona umsebenzi womdlali ukuthi asitshele lokhu abesitshela khona kodwa udokotela weqembu lakhe uyena obekufanele azise udokotela weBafana.
“Noma esehloliwe umdlali maphakathi nesonto, udokotela wabo wathumela imiphumela ngoMgqibelo. Kungicasule kakhulu lokhu ngoba besisebumnyameni.
“Kungicikile nokuthi kwayena uBlom akazange angithinte eceleni kodwa asethembe ukuthi ngokuzayo bazokwenza into efanele,” kusho lo mqeqeshi.
Mayelana ngokungamqoki umdlali weMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau, obe yiDStv Premiership Defender of the Season, uthe: “Ibhadi lakhe ukuthi kukhona uNyiko (Mobbie), ongakaze angenzela phansi noThapelo (Morena), ofana nabadlali abahlanu eyedwa ngoba akukho lapho angakwazi ukudlala khona.”
Sithe ukwehluka nokho isizathu sokusala kukaGiven Msimango, we-TS Galaxy noGrant Margerman, weSuperSport United.
“Bangabadlali abaseduze neqembu yikhona nje ukuthi lo mdlalo esiya kuwona siwubona njengethuluzi lokuzihlola ibanga esesilihambile kusukela siluqalile lolu hambo.
IBafana neMorocco sebezibekisele indawo e-Ivory Coast ngemuva kokuthi iBafana ikwazile ukuthola amaphuzu amane kwiLiberia ngoMashi.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams, Veli Mothwa , Ricardo Goss.
Abesemuva: Sydney Mobbie, Siyanda Xulu, Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi, Thapelo Morena, Aubrey Modiba, Grant Kekana, Mothobi Mvala.
Esiswini: Luke Le Roux, Njabulo Blom, Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas.
Abaphambili: Monnapule Saleng, Themba Zwane, Cassius Mailula, Mihlali Mayambela, Bongokuhle Hlongwane, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Thapelo Maseko.