UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ubhodle ngentukuthelo ebivutha kuyena ngaphakathi emva kwemvunge equbuke kwabanye abalandeli beqembu lesizwe ngekusasa lakhe kulandela induku eliyithole kwiFrance nakwiMorocco kulandelana.
UBroos (70), ubekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko eSoweto lapho ebeqala khona amalungiselelo omdlalo wobungani neSierra Leone ongoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eGoli.
Esithangamini nabezindaba, lo mqeqeshi waseBelgium uveze ukuthi bakhethe iSierra Leone neBotswana ngoba bebona ithuba lokubuyisa injabulo ezweni emva komsindo osuke ngokushaywa iFrance ngo 5-0 kowobungani neMorocco ngo 2-1 kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations ezokuba se-Ivory Coast ngo-2024.
Emuva kokuphenduka inhlekisa kweBafana ezinkundleni zokuxhumana kulandela imbudlu yeFrance, uBroos uthe kunedlanzana labalandeli ebelithi akaxoshwe ngoba akukho asiza ngakho iqembu lesizwe.
Ukushaywa kweBafana ekuhambeni kade ihamba phambili ngo 1-0 kwiMorocco, kuphinde kwaziqongisa zinkulumo ngekusasa likaBroos, ngokusho kwakhe.
“Sinemidlalo emibili emqoka phambi kwethu kodwa kubalulekile ukubuyela emuva ngoba ngiphoxekile ngendlela izinto ezenzeke ngayo kulandela ukushaywa kwethu emidlalweni edlule,” kusho uBroos.
“Okungicasulile yindlela abanye abalandeli abebeziphethe ngayo emva kwemiphumela esiyitholile. Indlela abebenza ngayo kayizange ingiphathe kahle.
“Kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba siwine imidlalo emine eqoqweni, sadlala ngokulingana kowodwa kodwa kukhona abese bethi mina kufanele ngixoshwe.
“Sidlale neFrance yasibulala ngenduku. Ngiyavuma kodwa abaningi bakukhohliwe ukuthi besibhekene nompetha bomhlaba futhi sinethuba lokufunda.
“Umdlalo weFrance ulandelwe ngoweMorocco. Iqiniso wukuthi ukube ubuze noma wubani wakuleli, ukuthi sizokwenzenjani kwiMorocco (ngaphambi komdlalo), impendulo obuzoyithola ibingeke ikuqinise idolo ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi kunzima kanjani ukudlala neMorocco enkundleni yayo.
“Sishaywe ngo 2-1 kulo mdlalo, okuyinto engingacabangi ukuthi bekufanele ibathuse abantu bakuleli. Yingakho ngixakekile uma sebenza sengathi bebelindele iwini kwiMorroco kodwa mina ngabenzela phansi,” kulandisa uBroos.
“Kungicasulile okwangempela ukuzwa abantu bethi angixoshwe futhi kangikholwa ukuthi besikhona isidingo salokhu. Kuningi kodwa engikufundile ngalesi simo ebengibhekene naso, ngakho-ke ngokuzayo ngiyocabanga kangcono ngaphambi kokuthatha isinqumo,” kusho yena.
Mayelana nesinqumo sokubhekana neSierra Leone neBotswana, uBroos uthe: “Iqiniso ukuthi la maqembu esizobhekana nawo akuzona izikhondlakhondla zase-Afrika yize kungamaqembu angeke abelula uma sesibhekene nawo.
“Uma ubheka imiphumela esisuka kuyona, le midlalo elandelayo isinika ithuba lokubuyisa ukuzethemba kithina esisekhempini yeBafana nakulabo abangaphandle kwayo (abalandeli).
“Ngaphezulu kwalokho sizothola ithuba lokuzibona ukuthi simi kanjani kwiSierra Leone okuyiqembu elifanayo neLiberia esizobhekana nayo emidlalweni emqoka kakhulu yokuhlungela i-Afcon ngonyaka ozayo.”