UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uhlanze iqiniso ngezizathu zokuchizela umgadli weCape Town City isikhathi eside ekubeni kade eyiboniswa inethi.
UKhanyisa Mayo owumgadli weCity, uze wafakwa esikwatini sakamuva seBafana, ekubeni ubengekho ngesikhathi kumenyezelwa esokuqala, lingakehliswa iqembu.
IBafana izodlala eyobungani ne-Andorra ne-Algeria ngokwahlukana kule nyanga.
UMayo (25) uyena ophambili kubagadli bakuleli kwiDStv Premiership ngokushaya amagoli. Usevalele ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-18.
Indaba yokusala kukaMayo kwiBafana isuka kude okufakazelwa ukuthi iphinde yaqala phansi ngesikhathi sekuvela indaba kaLyle Foster, nokulimala kukaLebohang Mothibi, ngaphambi kokuqala kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast.
Abalandeli abathile bakubone njengephutha ukuthi uBroos uchizele umgadli obashiya kude ngamagoli kodwa ukhetha ukuya kwi-Afcon no-Evidence Makgopa noZakhele Lepasa.
“Okuyikhona engikubizele uMayo ukuthi azongikhombisa eduze ukuthi usengalikhuphula izinga abe umgadli ongcono nosezingeni lemidlalo yamazwe,” kusho uBroos ekuqaleni kwesonto kwabezindaba eGoli.
“Akekho ongabaza ithalente likaMayo kodwa kusicacele ukuthi nakuba emuhle phambi kwamapali kodwa izinga lakhe belinganyuki ngale ndlela yokuthi bese singahamba naye kwi-Afcon.
“Noma umgadli angashesha kanjani phambi kwamapali kodwa kunezinga okufanele abe kulona ukuze abizelwe eqenjini lesizwe.
“Kimina uMayo ubengakafiki lapho kodwa nali ithuba lakhe lokungikhombisa ukuthi usefikile kuleli zinga,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UBroos ongenankinga ngokujika umqondo njengoba enzile ngoThemba Zwane, ululeke uMayo ukuba alisebenzise leli thuba njengoba kunabanye abagadli abalimele kanjalo nabangekho njengoMakgopa noPercy Tau.
“Sekukhulunywe kakhulu ngaye manje nali ithuba lakhe ngaphandle kokumcindezela. Uma ezosikhombisa ukuthi usefikile kuleli zinga esilifunayo, nakanjani sizobe sivuke ngomgadli omuhle nosavunywa iminyaka.
“Kunezikhathi eziningi lapho ngingamboni khona uMayo uma esenkundleni bese eqhamuka ngeminye imizuzu eselishaya enethini.
“Kuhle lokhu kodwa akulula ukukwenza emidlalweni yamazwe. Le mizuzu embalwa engabonakali kungaba iyona kuphela umehluko womphumela womdlalo,” kusho uBroos.