UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ubhoboke ngengxoxo ebisampikiswano phakathi kwakhe nomunye wabadlali abamqoka kuleli qembu lesizwe, uPercy Tau, obefuna ukuba ingxenye yesikwati yize isimo sakhe somqondo sishayekile muva nje ngenxa yokugxekwa.
IBafana ebuyise isithunzi ebholeni lase-Afrika ngokuqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka, izobhekana ne-Andorra ne-Algeria ngokwahlukana kweyobungani ngasekupheleni kwephezulu kwelase-Algeria.
IBafana izoqala ngokungcwekisana ne-Andorra ngoMashi 21 kudlule izinsuku ezine ezikaBroos zitholane phezulu nompetha be-Afcon bango-2019 nosokhaya, i-Algeria, eNelson Mandela Stadium.
NgoMsombuluko uBroos umemezele isikwati sakhe sabangu-23 lapho eshiye khona abangu-10 abebekwi-Afcon okuhlanganisa noTau.
UBroos uveze ukuthi indlela abathandi bakanobhutshuzwayo bakuleli abamhlasele ngayo uTau ngesikhathi kuqhubeka i-Afcon iyona eyenze kwaba nale mpikiswano nalesi silomo se-Al Ahly yase-Egypt.
"Emuva kwe-Afcon ngikuqaphelile ukuthi umqondo kaTau awukho esimweni esihle ngenxa yokugxekwa ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana kodwa eziqinisa," kusho uBroos ngasekuqaleni kwesonto.
"Nakuba ubeziqinisa kodwa bengimbona ukuthi ushayekile okwenze ngakhetha ukumthinta emasontweni amabili ngenhloso yokumazisa ukuthi ngeke ngimbize kule khempu.
"Iqale lapho-ke impikiswano phakathi kwami naye ngoba ubengayizwa okwangempela indaba yokuthi ngeke ngimbizele kulesi sikwati esiya kwelase-Algeria.
'Ngikubone kungewona umqondo ophusile ukuthi abenathi kule midlalo elandelayo ngoba ngisaba ukuthi uma kungenzeka uTau angadlali kahle, abalandeli bazophinde bamhlasele okuyinto engingazimisele ukubhekana nayo njengomqeqeshi.
"Bambulale ngokwanele ngesikhathi kune-Afcon. Kungenxa yalokhu ngingazange ngimbize uTau kulokhu ngoba ngimfuna evutha uma sesiqala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
IBafana imelwe ukunqoba kwiNigeria ekuhambeni kozolandela le emibili yobungani. Lo mdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 uzokuba ngoJuni 3, e-Uyo.