XOLILE MPISANE
UMGADLI weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana, ubonge iqembu lakhe iRacing Louisville ngokumeseka emuva kokulimala kanzima ngoJulayi engakaze alidlalele.
Iqembu lase-United States limethule ngoJulayi 6 uKgatlana esuka kwelaseSpain, i-Atletico Madrid.
Nokho walimala (kugqashuka umsipha ohlanganisa isithende nesitho - archilles) emuva kwezinsuku ezine edlalela iqembu lesizwe kowokugcina wamaqoqo weWomen's Africa Cup of Nation libhekene neBotswana.
“Ngesikhathi ngilimala kwashabalala konke engangiphupha ngakho neqembu lesizwe. Kwaba kuhle kakhulu ukuthi ligcine libuye nendebe,” kusho uKgatlana.
UKgatlana uhlale izinyanga eziyisithupha ekhaya ngaphambi kokulibangisa e-United States ngenyanga edlule.
“Ukungeseka kweLouisville kuzona zonke izinyathelo kwenze kwaba lula kimi ngoba bengazi ukuthi kufanele ngisebenze ngokuzikhandla ukubuyela eqenjini eliwe lavuka nami," usho kanje.
"Bengisesimeni esihle nangokomqondo, angizange ngizizwe ngisebumnyameni. Ngakwazi ukusukuma ngokushesha ngoba kwathatha ngaphezudlwana kwezinyanga ezimbili ukuthi ngiqale ukuzilolonga, nokuyinto eyamangaza iningi.
"Kuphinde kwavela ukuthi ngiwumuntu ozimiselayo ngoba bengazi ukuthi kumele ngibuye ukuze ngilwele ukudlala eNdebeni yoMhlaba."
UKgatlana uphinde wabonga inhlangano eyengamele ibhola kuleli iSouth Africa Football Association (Safa) ngokumeseka nokuxhumana neqembu lakhe ngesikhathi eqala uhlelo lokululama.
“ISafa nayo ibikhona ingiseke zibekwa nje. Ikwazile ukubhekana nezindleko zami zokwelashwa, yenza isiqiniseko sokuthi ngingena ohlelweni oluhle lokululama,” kuqhuba uKgatlana.
"Lokho kwenza izinto zaba lula kimi ngoba bekungadingeki ukuthi ngizikhathaze ngezinto ebengingeke ngikwazi ukuzilawula.
“Nalowo ophethe izindaba zami ubenginakekela futhi ngithole nenqwaba yemiyalezo yokungeseka evela kubantu baseNingizimu Afrika.
“Ukwazi ukuthi abantu bayakwazisa noma ungadlali kungikhuthaze kakhulu ngoba uma sekufanele ngiziqeqeshe bengazi ukuthi angizenzeli mina kuphela kodwa baningi abantu okumele ngibuye ngizobadlalela."
UKgatlana usanethemba lokubuyela enkundleni kusenesikhathi ukuze afakwe eqenjini leBanyana elizodlala eNdebeni yoMhlaba e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi/Agasti.
IBanyana ihlela ukuyongcweka kwiTurkish Women’s Cup eTurkey ngelizayo kodwa kusabanjwe umoya ngokuzamazama komhlaba kuleliya lizwe.