INSILA yokungalinaki iqembu lesizwe lebhola lakuleli, iBafana Bafana, ngenxa yokushaya kwalo udaka lithenjiwe eminyakeni edlule, icacile ngo-2023 ekubeni uma uyibhekisisa ifomu yalo kufanele ngabe besibangcono kakhulu isibalo sabalandeli abaya ezinkundleni uma lidlalela ekhaya (eGoli).
Ngaphandle kokuthi umdlalo wokugcina wonyaka neRwanda, iBafana ishayiwe kuwona, kodwa bekungokokuqala kwenzeka lokhu kulo nyaka.
Imiphumela emihle ibihambisana nokuthi iBafana izibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ese-Ivory Coast kusukela ngoJanuwari 13.
Okunye okuye kwagqama kulo nyaka wukuqhubeka nokungafihli kukamqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uma kukhona indaba emshisayo esifubeni.
Emdlalweni wokuqala walo nyaka weBafana, ibambane neLiberia ngo 2-2 e-Orlando Stadium kungafanele okuyinto ecasule uBroos. Lo mqeqeshi odabuka eBelgium, wacasuka ngale ndlela yokuthi waduba isithangami sabezindaba.
IBafana yayikade ihamba phambili ngo 2-0 kodwa yavumela iLiberia ukuba ishaye amagoli amabili, okwenza ukuthi umdlalo wasekuhambeni wokuhlungela i-Afcon, ube wumqansa kwazise kwase kuphoqa ukuthi (iBafana) iwunqobe noma yikanjani.
Ukuduba kukaBroos akwehlanga kahle ezintathelini, zithi uBroos ukhombise ukuzidelela ngokuthumela iphini lakhe uHelman Mkhalele, nalo elagcina lingakhulumanga, abezindaba bethi bafuna uBroos.
UBroos wathi akezanga kwabezindaba ngoba indlela ayecasuke ngayo ngalo mphumela, yayizokwenza akhulume amagama ayengagcina ezisola ngawo.
“Ngiyaxolisa ukuduba abezindaba kodwa nami ngiwumuntu nginemizwa. Bengicasuke kakhulu ngoba bekufanele sinqobe kodwa sagcina sesiyominca eLiberia,” kusho lo mqeqeshi exolisa ngokuduba abezindaba ngaleso sikhathi.
Sekungumlando ukuthi uZakhele Lepasa ekuhambeni washaya igoli elimqoka.
Ukungakwazi ukucwecwa amagama kukaBroos kugcine kumphoqa ukuthi azithole exolisa nakwiKaizer Chiefs kulandela inkulumo yakhe ayenza ngezinga labadlali baMakhosi ayekuchaza njengembangela yokugqoza kwabo kwiBafana.
UBroos ucasule obungumqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, kulo nyaka ngesikhathi echaza ngezizathu zakhe zokuziba abadlali beChiefs uma ebumba izikwati zakhe.
Wathi akabaqokanga abadlali beChiefs kweyobungani ngoSepthemba ngoba leli qembu (ngaleso sikhathi) belingadlali ibhola elisezingeni elifanele, okuyinto engehlanga kahle kwabanye.
UNjabulo Blom uluzwile uswazi lomlomo lukaBroos. Ngenyanga edlule uBlom akafakwanga esikwatini esidlale neBenin neRwanda kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. UBroos wabeka isizathu sokuthi lo mdlali ukhombise ukungazimiseli, ngoba ngesikhathi ethintwa ngokubizelwa eqenjini waqale wathi ngeke eze ngoba ulimele ihlombe. Kuthe uma kucelwa incwadi kadokotela, wajika wathi usekulungele ukudlala. UBroos wamane wangabe esayingena indaba yakhe.
Nokho umbuyisile eqenjini labangu-50, azoqoka kulo elizodlala kwi-Afcon.
Ibesematheni ngo-2023 nendaba yalo mqeqeshi ehlaba esidlangaleni isinqumo sikaCassiuas Mailula, sokuqoma iCanada ekubeni izinto kade zibukeka zimlungela nge-Afcon.
NoPercy Tau uke waluzwa ulaka lulaBroos kulo nyaka ngesikhathi lesi silomo se-Al Ahly yase-Egypt sicele ukuhoxa kwenye yamakhempu.
“Sizoba nenkinga uma abadlali kuzoba kubona ukuthi yimaphi amakhempu abaphumelelayo kuwona nabangeke ngoba isizathu sekhempu sisuke saziwa yimina umqeqeshi,” kusho uBroos ekhuza uTau kwenye yamakhempu akamuva eBafana.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye edlalwe iBafana ngo-2023 (ingabalwa eyeCosafa Cup), ishaywe iRwanda kowokugcina wonyaka, yabambana ne-Ivory Coast, Namibia, Eswatini, neLiberia.
Iwine kuyona belu iLiberia, Morocco, Democratic Republic of Congo (DRC) nakwiBenin.