IYOBE iyazikhohlisa i-Orlando Pirates uma icabanga ukuthi isiwuqedile umsebenzi ngokunqoba kwayo ngo 2-1 ekuhambeni kwiStellenbosch FC koweMTN 8 ngeSonto, ngokubona kukaSteve Barker ongumqeqeshi waleli qembu laseKapa, elisendaweni eyaziwa ngokukhiqiza iwayini.
UBarker ukusho lokhu esithangamini nabezindaba kulandela ukushayelwa kwezakhe iPirates ekhaya ngo 2-1, kowomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 ngeSonto, e-Athlone Stadium, eKapa.
Kubukeka kuwumqansa nokho okufanele kwenziwe ezikaBarker ukuze zizifake kowamanqamu walo mqhudelwano njengoba zimelwe ukushaya amagoli amabili angenampendulo evela kwiBucs. Uma iPirates ishaya igoli kuzomele iStellies sephendule ngawaso amagoli
UBarker yize ethemba ukuthi bangawaphendula amatafula kowomlenze wesibili e-Orlando ngoSepthemba 24 kodwa uyakwamukela ukuthi mkhulu umqansa okumele bawuqwale.
“Kufana nokuthi umdlalo usekhefini ngakho-ke sizodonsa umoya siye e-Orlando Stadium ngenhloso yokuyohlasela nokuyokwenzela iPirates izinto zibenzima,” kusho uBarker.
“Engingakuthembisa ukuthi sizoya emdlalweni womlenze wesibili ngesibindi esifanayo nalesi esiye ngaso kowokuqala.
“Uma singaphinde silithole kuqala igoli, njengoba senzile, mhlawumbe lokhu kungabatatazelisa, kube indlela esinqoba ngayo leyo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UBarker ukhombe ukukhathala kubadlali bakhe ngenxa yokuthothana eduze kwemidlalo yabo yakamuva namaqembu athathwa njengamakhulu.
IStellies ivule nayo iPirates kwiDStv Premiership yanqoba ngo 1-0. Isanda kubhekana neKaizer Chiefs neSuperSport United emasontweni adlule.
Njengamanje imidlalo yasekhaya isekhefini njengoba kuzodlalwa eyamaqembu esizwe. Kuzoze kubuywe ngoSepthemba 15.
“Sinethuba lokuhlaziya kahle bungekho ubutatata bokuhlelela imidlalo ngakho-ke iPirates iyobe iyazikhohlisa uma icabanga ukuthi isiwuqedile umdlalo,” kusho lo mqeqeshi.
“Yebo kunzima ukushayela iPirates e-Orlando Stadium uma uzoqaphela irekhodi layo ekhaya kodwa empilweni yethu sonke sivele sibhekene nezimo ezinzima futhi okubukeka sengathi ngeke sizinqobe kodwa siyazinqoba kwesinye isikhathi.
“Ukuthi siyadlula kumbe indlela yethu iyaphela e-Orlando Stadium kuyobonakala ngosuku lomdlalo kodwa engingakuthembisa ukuthi siyophuma sonke enkundleni sinelisekile ukuthi siwufake wonke umfutho ebesinawo emdlalweni.
“Ngeke silahlekelwe ilutho ngokushaywa iPirates kowomlenze wesibili ngakho-ke kumele sehlise umoya siye ngomqondo wokuthi siyozama inqwaba yamagoli kulo mdlalo,” kuphetha uBarker.