Owayengunozinti we-Orlando Pirates eminyakeni edlule, uPatson “Kamuzu” Banda, uthi unozinti waleli qembu uMelusi Buthelezi kufanele avuke azithathe ngemuva kwamaphutha akhe akamuva.
Ugcizelele ukuthi angakufaki emqondweni ukushiywa kwakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana eliyoyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast.
UButhelezi (25) uphenduke undabuzekwayo kubalandeli bePirates, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, beshaya amakhala ngaye bemkhomba ngenjumbane ngokuba nesandla ekungenelweni ngamagoli amathathu kwaleli qembu emizuzwini engu-10 kuphela liguqiswa yiStellenbosch FC ngo 3-2 kowe-DStv Premiership, ngoDisemba 29, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lo nozinti ungenelwa yila magoli nje, bekungakapheli sikhathi esingakanani kwenzeke esifanayo eZimnyama zibhuquziswa yiSupersport United ngo 3-1 komunye wePremiership obewandulela oweStellenbosch.
Umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro, umvikele unozinti wakhe kwabamgxekayo ngenkathi ekhuluma nezintatheli ngemuva kwemidlalo.
UBanda uthe amaphutha yinto yakhona ebholeni.
“Uma ungunozinti akhona vele amabhola akudlayo ngoba vele ebholeni kufanele kube khona igoli elingenayo, ukuze kube khona iqembu elinqobayo. Kodwa-ke akhona amabhola obonayo ukuthi bekungafanele unozinti amudle, obekufanele enze kangcono kuwona, njengawo lawa adle uButhelezi kuyo yomibili le midlalo iPirates ishaywa yiSupersport neStellenbosch.
Yize singeze salushiya ngaphandle nodonga lwasemuva lwePirates kodwa iqiniso wukuthi uButhelezi njengamanje abalandeli bePirates sebeqalile ukungamethembi emapalini.
Lokho okusho ukuthi kuzofanele aqine, avuke azithintithe, asebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuze kuthi mhla ephinda ethola elinye ithuba lokuba sezintini, angaphindi amaphutha afanayo, ukuze abuyise ukwethenjwa ngabalandeli beqembu,”kusho uBanda, owayeyikati likanozinti emapalini eBucs ngeminyaka yo-1970 kuya ko-1980.
“Kukuyena uButhelezi ukukuqonda ukuthi iqembu adlala kulona njengamanje likhulu uma kuqhathaniswa naleli abedlala kulo phambilini (i-TS Galaxy), elinabalandeli abaningi, ngakho ukugxekwa kufanele akulindele futhi angakuvumeli kumdikibalise, esikhundleni salokhu kumkhuthaze ekwenzeni kangcono kakhulu kunakuqala.
Okokushiywa kwakhe ngaphandle esikwatini seBafana Bafana, bekuvele kucaca ukuthi kuzokwenzeka ngemuva kokungenzi kahle kwakhe muva nje.
Ngakho-ke lokho akufanele nakancane akufake emqondweni futhi kumdikibalise, ngoba lisekhona elinye ithuba, kuphela nje akavuke azithathe.”
UButhelezi usala esikwatini seBafana, ubekhona ohlwini lonozinti abahlanu esikwatini sesikhashana sabadlali abangu-50 ebesimenyezelwe wumqeqeshi weqembu lesizwe, uHugo Broos maphakathi noDisemba, esibe sesiphungulwa ekupheleni kukaDisemba saba nabadlali abangu-23 okuyibona abayoyibamba e-Ivory Coast.
Ngakolunye uhlangothi uzakwabo kaButhelezi kweZimnyama, uRichard Ofori, ubiziwe eqenjini lesizwe lakubo eGhana elizovula neCape Verde kusasa.