KUMPHOQE ukushiya phansi yonke imikhuba engeke imsize ngalutho uSphelo Baloni ukuze ezosheshe angene khaxa esitayeleni se-Orlando Pirates.
Lo mdlali oyibamba esiswini, ungomunye wabambalwa ababe nenhlanhla yokuthi bathi befika kweZimnyama badonse iso lomqeqeshi, uJose Riveiro.
Ngokujwayelekile kuthatha isikhathi ukuthi umqeqeshi afake emphandwini wezingonyama umdlali ophuma ezigabeni eziphansi.
Ngesizini edlule, uBaloni ubedlala kwi-All Stars ebigijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Isitifiketi saleli qembu sokugijima kulesi sigaba sithengwe iBlack Leopards ebese idliwe yizembe kuso. Khona kunjalo, umqeqeshi, uJose Riveiro, uqome ukumzibulisa ngokumfaka esikwatini esiqale umdlalo bebhekene neMamelodi Sundowns engomakhonya ebholeni lakuleli.
Nokho ube nebhadi edlalisa kabi uThemba Zwane ebhokisini, maqede unompempe wabeka iphenathi usanda kuqala umdlalo.
Iphenathi ibekwe phakathi uLucas Ribeiro Costa, kwawukunqoba kwamaBrazilians.
Lokhu akumthenanga amandla uRiveiro njengoba ephinde wamfaka uBaloni kwabashaye kuwo iqembu elifanayo kowamanqamu eMTN 8.
Ngesikhathi iPirates ihambele eMaponya Mall, eSoweto, uBaloni utshele abezindaba ukuthi namanje akakayikholwa le nhlanhla emehlele.
"Owenza yonke imilingo uNkulunkulu kuphela. Nami ngisamangale namanje. Ngizitshelile ukuthi lesi yisikhathi sami sokugqama, kumele ngizethembe ukuze ngizongena kalula kwisitayela seqembu. Ngilapha ukuzoveza ikhono lami," kubeka uBaloni obecijwa uSinethemba Badela kwiStars. Lo mqeqeshi usekwizinkulisa zeSundowns.
UBaloni uqhube wathi uzitshelile ukuthi kuzomele ashintshe okuningi ukuze ezoba nekusasa eliqhakazile kweZimnyama.
"Uma ngikhuluma ngokuzithiba ngisho ukuyeka zonke izinto ezingeke zingisize ngalutho. Uma sewuthathe isinqumo sokuba umdlali kumele uziphathe kahle uphinde uhloniphe nemithetho yalowo mdlalo okuwo.“
Lo mdlali oyibamba maphakathi nesisu, ubonge wanconcoza kozakwabo nakumqeqeshi ngokumamukela ngezandla ezifudumele.
Uveze ukuthi kusukela ngosuku lokuqala efikile uRiveiro uhlale umnika amasu okuqhakaza.
"Umqeqeshi uyangiqonda ukuthi ngiwuhlobo luni lomdlali. Ngimtshelile ukuthi ngizele ukuzofunda kwiPirates. Angilona lolu hlobo lomdlali ozenza ungqesta ekubeni engazi lutho. Lesi ngesinye isigaba, kusamele ngifunde okuningi. Ngiqhudelana nabadlali bezinga eliphezulu abafana noMiguel Timm, Thabiso Monyane nabanye. Mihla namalanga sinomqeqeshi sikhuluma ulwimi lwebhola," kuqhuba uBaloni othe uyazi ukuthi usazolithola ithuba elanele lokudlala.
IPirates ilele indaweni yesikhombisa, ngamaphuzu awu-15, emidlalweni eyishumi. Iseli ngayisishiyagalolunye kwiSundowns zihola phambili, enemidlalo eyisishiyagalombili.
UBaloni uthe bengabadlali bayakholelwa ukuthi bazoyibamba iSundowns. NgoMgqibelo bazodlala neRichards Bay, ngo-3.30 ntambama, eKing Zwelithini Stadium.