OMPETHA base-Afrika, iBanyana Banyana, bazoqhubeka namalungiselelo eNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ngokubhekana ne-Australia emdlalweni wobungani ngenyanga ezayo.
Lo mdlalo uzodlalelwa eLondon ngo-Okthoba 8.
Ngemuva kokunqoba iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ebiseMorocco ngoJulayi, ezikaDesiree Ellis zisheshe zaqala ukuzicijela eyoMhlaba ngokudlala eyobungani nompetha baseSouth America, iBrazil.
Emdlalweni wokuqala owawuse-Orlando Stadium emasontweni edlule, iqembu lakuleli lahlulwa ngo-3-0, kowesibili lambozwa ngo-6-0 eMoses Mabhida Stadium.
Ekhuluma ngemuva kwaleyo midlalo, u-Ellis wakubeka kwacaca ukuthi basazimisele ngokudlala namaqembu akleliswe phezulu kunabo emhlabeni ukuze bathuthuke ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
IMatildas isendaweni ka-12 emhlabeni kanti iBanyana ilele endaweni ka-54.
“Lezi yizindaba ezithokozisayo, ngelinye ithuba lokudlala nesizwe esiphezulu. I-Australia izosingatha iNdebe yoMhlaba ka-2023 ngokubambisana neNew Zealand,” kusho u-Ellis kwi-website yeSafa.
"Njengoba sisanda kudlala neBrazil, lokhu kusinika ithuba lokulungisa amaphutha ethu kanye nokuzivivinya nokuziphonsela inselelo. Ngelinye ithuba lokwenza kangcono nokuthi abadlali bazibonakalise.
“Sijabule kakhulu. Sithanda ukubonga iSafa nabaxhasi bethu iSasol. Bathe bazositholela izimbangi eziqinile ukuze silungiselele iNdebe yoMhlaba futhi amalungiselelo ethu aqale kahle kakhulu. Siwubheke ngabomvu lo mdlalo."
Khonamanjalo, iqembu lesibili leBanyana belibambe iqhaza kwiCosafa Women’s Championship eGqeberha kule nyanga, lapho liqede khona endaweni yesibili kulandela ukuguqiswa yiZambia ngo-1-0 esikhathini esengeziwe kowamanqamu ngeSonto ntambama.
Umqeqeshi, uSimphiwe Dludlu, obenikezwe ithuba lokucija leli qembu, uthe uyaziqhenya ngalo, ikakhulukazi njengoba belakhiwe yiningi labadlali abaneminyaka engaphansi kuka-20.
"Ngijabule kakhulu ngoba iqembu likhombise ukuthuthuka. Size kulo mqhudelwano singazilungiselelanga kahle, sihlangane sekusele izinsuku ezimbili ukuthi uqale," kusho uDludlu.
“Ngicabanga ukuthi lo mqhudelwano ubakhombisile abaqeqeshi abasekhaya ukuthi kunezinto ezithile okumele bazilungise kulaba badlali ukuze bakwazi ukufinyelela eqenjini elikhulu leBanyana.
“Angifuni ukuthi sibajahe, umqeqeshi uDesiree ukujabulele ukuthi sikwazile ukubadlalisa kuleli zinga futhi bakhona ababonile afuna ukubafaka kancane kancane eqenjini elikhulu ukuze bathole ithuba lokuzwa ukuthi kunjani ukuziqeqesha kulelo zinga.
“Sibheke ukuthi sibe neqembu labesifazane lika-Under 23 ukuze senze isiqiniseko sokuthi laba badlali abeqi isigaba uma besuka kwelika-Under 20. Uma senza lokho kuzoba lula ukuthi bafike kwiBanyana sebevuthiwe, " kusho uDludlu.