UNOZINTI weMoroka Swallows, uDaniel Akpeyi, udalula okudala ubunzima bokuzinza kwamanye amaqembu kwabanye abadlali ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs.
U-Akpeyi (37) waseNigeria, wachithwa aMakhosi ngoJuni nyakenye, emuva kwamasizini amabili nesigamu eyibambe eNaturena.
Wajoyina iChiefs esuka kwiChippa United ngo-2019, kubhekwe lukhulu kuyena. U-Akpeyi ugcine enemidlalo engu-57 kuChiefs. Emuva kokuhlukana naleli qembu , uhlale isikhathi engalitholi iqembu kwiDStv Premiership nakuba bekuvela ukuthi akhona amaqembu amgaqele okubalwa kuwona i-Orlando Pirates naMaZulu. U-Akpeyi ugcine ethole indawo esidlekeni seZinyoni ngoJanuwari.
Uthe kunzima kuyena nakwabanye abadlali abasuka kwiChiefs ukuzinza kwamanye amaqembu ngenxa yomehluko omkhulu endleleni okwenziwa ngayo izinto nezinsiza abazificayo.
“Kuyinselelo. Kunzima ngoba lokhu ebengikulindele akukhona lokhu engikuficayo kwezinye izindawo. Kungimangazile ukuthi umehluko awuwona ngisho uhhafu (kunakuChiefs), hhayi ngemali kuphela kodwa nangezinhlaka nesimo. Izinto bezihluke kakhulu. Kukuthatha isikhathi ukujwayela nokuzinza. Kodwa ngiyabonga kuMdali ngokuthi ngesikhathi ngifika kudingeke ngikuqonde ukuthi sengikule ndawo manje, angisebenze nanoma ngabe yini engiyinikwayo ngaleso sikhathi,” kusho u-Akpeyi.
Baningi abadlali abadlale kwiChiefs abakhulumayo ngale le nselelo ebhekane no-Akpeyi. Abanye sebaliyeka ibhola. U-Akpeyi ubevimbile ngempelasonto edlule ngesikhathi iSwallows ikhala ngaphansi kwiChiefs koweDStv Premiership eDobsonville Stadium. KwiSwallows, u-Akpeyi usedlale imidlalo engu-11, wangenelwa ngamagoli ayisikhombisa.
Ubonge umkhaya wakhe, uGreg Etafia owayevimbela iSwallows eminyakeni edlule, ngokumjimisa nangokuma naye ngesikhathi engalitholi iqembu. U-Etafia, ongumqeqeshi wonozinti kwiTS Galaxy, ubemjimisa u-Akpeyi ngesikhathi esalinde ukuthola iqembu.
“Ngiyambonga kakhulu umqeqeshi uGreg Etafia ngokunginika isikhathi sakhe, ubuhlakani bakhe nolwazi lwakhe mayelana nokuthi izinto ezifana nalezi zenzeka kanjani. Nokuthi ngihlale ngisesimeni ngilindele okuzokwenzeka. Bekungelula kimina ngoba ngaso sonke isikhathi ulindela ukuthi kukhona okuzokwenzeka kodwa kungenzeki lutho. Kodwa kusafanele uvuke ekuseni ucoshe amagilavu akho uyojima. Bekungelula,” kusho u-Akpeyi.
“Kodwa ngifake yonke imizwa yami ekuziqeqesheni nokwenza isiqiniseko sokuthi ngizigcina ngikulungele ukwenzeka kwezinto. Ngebhadi kuthathe isikhathi eside kunalokhu ebengikulindele. Kodwa futhi ngiyabonga ukuba lapho engikhona. ISwallows ibingekho ezinhlelweni kodwa ngiyabonga kusihlalo (David Mogashoa) ngokunginika ithuba lokuba yingxenye yeqembu nokuthokozela lokhu engithanda ukukwenza.”
ISwallows izobuyela enkundleni ngoDisemba 5 isiyobhekana nePirates kowabakhaya wePremiership e-Orlando Stadium, eSoweto.