KUTHI akandize yinjabulo ngemva kwempumelelo yesikole uBongi Xulu, onguthishanhloko weTholokuhle High, eNseleni, eMpangeni.
Lokhu kudalwa wokunqoba kwamaqembu esikole okubalwa ele-netball eliwine kwi-Under 16 yeSchools Netball Championship, nelikanobhutshuzwayo elizuze uR1.1 million kwiKay Motsepe Schools Championships.
UXulu uthi sebezokwazi ukubiyela isikole ngesamba esinqotshwe yiqembu lebhola lamantombazane ka-Under 14, emidlalweni kazwelonke yeKay Motsepe Schools Championships.
Bekusindwe ngobethole emcimbini obewenziwe yisikole ngesikhathi kubungazwa ukuba ngompetha bakazwelonke kweqembu le-netball lika-Under 16 kwiSchools Netball Championship, nokuwina kwelebhola lezinyawo uR1.1 million, kwiKay Motsepe.
Lo mcimbi bewuhanjelwe wuMnyango wezeMidlalo, owezeMfundo, abazali nezikole ezingomakhelwane.
Iqembu lebhola liqale ngokuzishaya zonke ezingeni lesifundazwe, laklonyeliswa ngoR100 000 ngaphambi kokulibhekisa eGauteng, emqhudelwaneni kazwelonke, iKay Motsepe.
Kukhale amakhwela, kwakikiza omama ngesikhathi okaputeni bamaqembu bephakamisa imigqomo yezinkomishi phambi kwabafundi nomphakathi.
UXulu uthe kuphenduleke imithandazo yabo ngoba sebezokwazi ukuqinisa ezokuphepha esikoleni sabo. Uthe nakuba besazohlala phansi bengothisha nabazali kodwa okuseqhulwini, abazokwenza ngemali ukubiyela isikole nokulungisa izindlu zangasese.
"Umphakathi wanqamula ucingo lwethu ngoba ufuna ukusebenzisa inkundla nokukha ngenkani amanzi esikole. Ngikhuluma nje, asinayo i-computer lab ngenxa yokuthi isikole sagqekezwa kwathathwa wonke amakhompyutha, nobunye ubuxhakaxhaka.
“Nengadi yethu seyifana nento engekho ngoba imfuyo seyizidle yaziqeda izitshalo zethu. Ngaphezu kwakho konke sisabela nokuphepha kwezingane kanye nathi. Nakuba imali ingenkulu kodwa sizozama ukuthenga ucingo ukuze siphephe," kubeka uXulu.
Uqhube wathi bazozama nokulungisa izindlu zangasese.
"Azikaze zishintshwe izindlu zangasese selokhu sakhiwa isikole ngo-1989. Ukubheda kwazo kugcina sekuholela ekutheni isikole sikhokhe imali eningi yamanzi. Sizozama ngale mali ukuciciyela ukulungisa isimo. Uma sesihlangene sizobonisana ukuthi sizokwenzani ngoshintshi ozosala.“
UXulu ugcizelele ukuthi isigidi samarandi esinqotshwe yiqembu labo asingeni kwi-account yebhange lesikole. Sifakwe kweyenkampani ezobenzela abakucelile.
UNono Buthelezi osekomidini lezemidlalo eTholokuhle, uthe nakuba iqembu le-netball lingatholanga ndibilishi ngokulala indawo yokuqala kodwa okuhle ukuthi liqokelwe kumunxa weSchool Team of the Year kumaKZN Sports Award ozoba ngoMgqibelo, e-ICC, eThekwini.
Emcimbini weTholokuhle, uMnyango wezeMidlalo oholwa nguMatilda Chiya, esifundeni iKing Cetshwayo, unikele ngezinto zokudlala ibhola ne-netball.
UChiya uthe unethemba lokuthi isikole sizoliphakamisa igama lesifunda emcimbini e-ICC.
"Uhulumeni wenza konke ukuthuthukisa ezemidlalo. Isithiyo kuba wukushoda kwenkece. Ezinye izikole kumele zisike iphethini kokwenziwe iTholokuhle. Uma zizozimisela kwezemidlalo ngeke zilinde ukukhangeza kuhulumeni," kweluleka uChiya.