SEKUSELE iKwaZulu-Natal neNorth-West ekuhlungeni amaqembu azomela lezi zifundazwe kweyokuhlunga kazwelonke yeSafa Sasol Women’s League azodlalelwa eLimpopo.
NgoMsombuluko ekomkhulu leSafa, eGoli, kuqhathwe amaqembu ayisishiyagalolunye angompetha bezifundazwe azoqhuthana amakhizane kweyokuhlunga kazwelonke azokuba sePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo ngo-Okthoba 17 kuya ku-22.
Imidlalo eyokuhlunga amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seHollywoodbets Super League okuyisigaba esikhulu sebhola labesifazane eNingizimu Afrika.
Izifundazwe eziyisikhombisa seziwahlungile amaqembu azo azozimela kulo mqhudelwano, sekusele iKwaZulu-Natal neNorth-West abazosonga kule mpelasonto imidlalo yabo yokuhlunga.
ILindelani Ladies neSunflower WFC amaqembu asemshikashikeni wokulwela ukuba ngompetha beKZN beSasol League. La maqembu azodlala umlenze wesibili wale midlalo yokuhlunga, eTills Crescent, eThekwini, ngeSonto, ngo-1 ntambama.
Emlenzeni wokuqala odlalelwe eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngeledlule kunqobe iLindelani Ladies ngo 1-0, nosekusho ukuthi umdlalo womlenze wesibili wala maqembu ngeSonto ngokawafawafa.
ILindelani eqeqeshwa nguNathi Vilakazi ibukeka ivunwa yizinto ngaphambi kwalo mdlalo, njengoba inqobe ekuhambeni emlenzeni wokuqala. ISunflower eqeqeshwa nguSiyabonga Malinga kufanele idlalele ukufa nokuphila ukuwunqoba kumnyama kubomvu umdlalo ukwenza isiqiniseko sokungena ebhasini elibheke eLimpopo ukuyomela iKZN.
Iqembu elizonqoba phakathi kweLindelani neSunflower lizobhekana neRoyal Wizzards yaseNorthern Cape, emdlalweni wokuvula ngo-Okthoba 17, e-Old Peter Mokaba Stadium.
Ngesizini idlule iKZN yayimelwe yiLindelani Ladies kwekazwelonke eyayidlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eThekwini, kodwa yakhala ngaphansi kule midlalo. Kwagcina kuyiVasco Da Gama yaseWestern Cape, neCity Lads Ladies yase-Eastern Cape abakhushulelwe kwiSuper League.
Amaqembu aseqinisekisiwe ukudlala kweyokuhlunga kazwelonke:
Dangerous Hero Ladies (Western Cape); Tuks Ladies (Gauteng); Copperbelt Ladies (Limpopo); TS Galaxy Ladies (Mpumalanga); Sophakama (Eastern Cape); Central University of Technology (Free State); Royal Wizzards (Northern Cape);