UXWAYISE abadlali bakhe ukuthi bangawamoshi amathuba abazowathola uma sebebhekene neBafana Bafana emdlalweni wabo wesibili wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, umqeqeshi weRwanda, uTorsten Frank Spittler.
La mazwe azotholana phezulu eHuye Stadium edolobheni iButare, eRwanda, namuhla ngo-3 ntambama.
IRwanda eteketiswa ngeMavubi, izobe ibheke ukunqoba okokuqala kuGroup C kulandela ukuvula ngokubambana ngo 0-0 neZimbabwe eHuye Stadium ngoLwesithathu olwedlule.
IBafana ihlose ukuphinde iqoqe amaphuzu amathathu njengoba isiwatholile iguqisa iBenin ngo 2-1 ekhaya ngempelasonto edlule.
USpittler, odabuka eGermany, uthe kumjabulisile ukubona iqembu lakhe lithola iphuzu libhekene neqembu eliqinile laseZimbabwe.
“Sidlale neqembu eliqinile elinabadlali abaningi abazinze e-Europe, akumele sikukhohlwe lokhu. Banabadlali abaseqophelweni eliphezulu kodwa kwale kancane ukuthi siwunqobe umdlalo. Sithathe isinyathelo esihle kakhulu esizosisiza ekulungiseleleni umdlalo wesibili neNingizimu Afrika,” usho kanje esiteshini se-YouTube iFlash TV Rwanda.
“Ngikubonile okuthile ebesikwenza ezinsukwini ezingu-10 sindawonye, ikakhulukazi nabadlali abazinze eRwanda. Akekho umdlali obesenkundleni engimsolayo ngoba besingenaso isikhathi esanele sokuhlanganisa iqembu. Lesi yisimo obekumele sibhekane naso futhi ngibona sengathi senze kahle.
“Izinto ngeke zishintshe ngomlomo kodwa ngidinga isikhathi sokufundisa abadlali nesokuthi iqembu lizilolonge ndawonye. Ngeke sishintshe izinto ezinsukwini ezimbalwa, kuzothatha isikhathi. Ngiyethemba ukuthi sizowasebenzisa amathuba esizowathola uma sesidlala neNingizimu Afrika.”
Iqembu elizobhekana neBafana ligcwele abadlali abazinze eRwanda, nabayisishiyagalolunye abadlala ngaphandle.
Kwabadlala ngaphandle kukhona nonozinti uFiacre Ntwari ogijima kwiTS Galaxy kuleli. Ukaputeni uDjihad Bizimana odlalela iFC Kryvbas yase-Ukraine, uHakim Sahabo weStandard Liege yaseBelgium, no-Thierry Manzi we-Al Ahli Tripoli yaseLibya nabanye.
USpittler, uthe: “Kuyangijabulisa ukuthi sinephuzu, yisinyathelo sokuqala esihle. Manje sesisebenzela ukuthola amaphuzu amathathu uma sesidlala neNingizimu Afrika, nakuba kungeke kube lula. Ngeke bafike lapha bathi, ‘mqeqeshi, thatha nawa amaphuzu amathathu’. Kuzomele sisebenze kanzima ukuze sikwazi ukunqoba imidlalo.”