UMQEQESHI wePortugal, uFernando Santos, akazisoli ngesinqumo sakhe sokuqalisa ebhentshini, uCristiano Ronaldo, emdlalweni we-quarter final yeNdebe yoMhlaba abakhishwe kuyona yiMorocco ngo-1-0 ngoMgqibelo ntambama, e-Al Thumama Stadium, eQatar.
URonaldo (37) oseshayele iPortugal amagoli angaphezulu kwangu-100, uqale wabekwa abhentshini laleli qembu lesizwe linqoba ngo-6-1 kwiSwitzerland kowe-Last 16.
Ngesikhathi unondweba eqeda umdlalo, uRonaldo, ubonakale kwithelevishini ehamba yedwa ngaphandle kozakwabo, ekhihla isililo ebheke ezindlini zokushintshela.
Ngemuva komdlalo, uSantos obekhuluma esithangamini nabezindaba akazange akufihle ukuthi akazisoli ngesinqumo sokuqala ngaphandle ngoRonaldo ngoba isimo besimphoqa.
“Angizisoli ngesinqumo sami sokuqalisa ngaphandle ngoRonaldo ngoba bekunesizathu,” kusho yena ngemuva komdlalo ecashunwa i-SkySports.
“Besingekho nesincane isidingo sokushintsha isikimu esiqale umdlalo weSwitzerland, sagila izimanga, siwina ngo-6-1. Wonke umqeqeshi ofuna ukuya phambli ubengeke asishintshe isikimu esimenzele umsebenzi omuhle, ngaphandle uma kunesidingo njengokulimala kwabadlali nezigwebo zamakhadi.
“Kunezikhathi lapho umqeqeshi okufanele athathe izinqumo ezinzima kodwa ezinobuhlakani. Okumqoka kunakho konke ukuthi akufanele ngenze iphutha lokuthatha izinqumo ngenhliziyo esikhundleni sokusebenzisa ikhanda uma ngizithatha.
“Wenza iphutha ocabanga ukuthi uRonaldo akaseyena umdlali weqophelo eliphezulu. Isinqumo sami asisondele nokusondela kulokho,” kusho uSantos.
Ngesikhathi iMorocco ijabulela ukuba izwe lokuqala lase-Afrika ukuzifaka kweyandulela amanqamu koweNdebe yoMhlaba eminyakeni engu-92, izinyembezi zikaRonaldo, obalwa nabanye babadlali abaphambili abake bangena enkundleni, zisidwebe sacaca isithombe sokuthi kwayena kumcacele ukuthi uhlulekile ukusebenzisa ithuba lakhe lokugcina lokuba umpetha womhlaba nePortugal.
E-Al Bayt, uHarry Kane ukaputeni we-England, ushwebe iphenathi ngemizuzu yokugcina bekhishwa iFrance ngo-2-1.
UKane ushweba le phenathi nje, bekungeyesibili yamaNgisi emdlalweni. Eyokuqala uyinamathisele enethini.
“Ngiphoxeke kakhulu ngoba ngiyazi ukuthi abadlali be-England bebezimisele kangakanani ngokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano,” kusho yena kwi-SkySports.
“Ngiyakwamukela ukuthi kube iphutha lami ukushweba iphenathi kodwa ngizishaya isifuba ngohlobo lwabadlali ebengiluhola kulo mqhudelwano,” kusonga lo mgadli.